Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 1:13 - IsiZulu 2020

13 Niyasho futhi nithi: ‘Saze sakhathala bo! qede nilinximfele,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. “Niletha izilwane ezebiwe, eziqhugayo nezigulayo, nethule umnikelo, ngiyakukwemukela yini lokho esandleni senu na?” kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi lathi: Khangela, ukukhathala okungaka lokhu! niyawucima,” usho uJehova Sebawoti; naletha ezidwetshiweyo neziyizinyonga nezigulayo; kanjalo nanikela ngomhlatshelo; ngithathe kuwe? kusho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 1:13
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yathi ku-Arawuna: “Qha, kumele ngikuthenge nokukuthenga, ngikukhokhele inani elithile. Angiyukunikela kuSimakade uNkulunkulu wami ngeminikelo yokushiswa engeyesihle.” UDavide wayesethenga isibuya nezinkabi ngamashekeli esiliva angama-50.


Uma niza phambi kwami, ngubani ofune lokhu esandleni senu ukuba ninyathele emagcekeni ami na?


Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelelezi asesigodini; yiwona angawonkatho lwakho; nakuwo uthululele umnikelo wokuphuzwayo, wenza umnikelo wokusanhlamvu. Ngimelwe ukweneliswa yini ngalokho na?


“Mina Simakade ngithanda ubulungiswa, ngiyakuzonda ukuphanga nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso, ngenze nabo isivumelwano esiphakade.


Ngase ngithi: “Phinde, Nkosi Simakade; umphefumulo wami awukaze ungcoliswe, ngokuba kwasebusheni bami kuze kube manje angikaze ngiyidle ingcuba, okudweshuliweyo, nenyama engcolileyo ayikaze ingene emlonyeni wami.”


Abaphristi abayukuyidla inyoni noma isilwane esizifeleyo noma esidweshuliweyo.’ ”


Uzakubhujiswa, Israyeli, ngokuba umelene nami, umsizi wakho.


Akayukuyidla ingcuba nesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, ukuze angazingcolisi ngakho; nginguSimakade.


Kuyothi uma onile, wabona ukuthi unecala, akubuyisele lokho abekwebile, nakudlileyo, noma obekubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile, wakuthola;


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso,


“Bantu bami, ngenzeni kinina na? Nginikhathaze ngani na? Ngiphenduleni.


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Sengathi uSimakade angamsusa emathendeni akwaJuda umuntu owenza lokhu nalowo ophendulayo emvikela emathendeni akwaJakobe noletha umnikelo kuSikamade Wamabandla.


“Okunye enikwenzayo futhi yilokhu: nilithela ngezinyembezi i-althare likaSimakade, nikhala, nibubula, ngoba engasayinakile iminikelo yenu, futhi engayamukeli ngokuthokoza esandleni senu.


“Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukubali njengabazenzisi, ngokuba bayabipha, ukuze babonwe ngabantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bayathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma ngabe linasici sini, awuyukunikela ngalo kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Kungani niwedelela umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, uhloniphe amadodana akho kunami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle yakwa-Israyeli, yabantu bami na?’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka