Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 8:3 - IsiZulu 2020

3 uqoqele yonke inhlangano emnyango wethende lokuhlangana.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ubuthele yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 8:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wambuthela ndawonye wonke u-Israyeli, kusukela eShihori eGibhithe, eLebo, kuze kube seHamathi, ukuba kuyolandwa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyathi Jeharimi.


UDavide waqoqela ndawonye eJerusalema wonke u-Israyeli ukuba kukhushulwe umphongolo kaSimakade uyiswe endaweni awulungiselele yona.


Abantu abaningi babuthana eJerusalema ukuba bagcine umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngenyanga yesibili; kwakuyibandla elikhulu kakhulu.


Inkosi yayelulekene nezikhulu zayo nebandla lonke laseJerusalema ukuba bagcine iphasika ngenyanga yesibili,


Lonke ibandla lakwaJuda, abaphristi nabaLevi, nalo lonke ibandla elalivela kwa-Israyeli, nabafokazi ababephuma kwa-Israyeli behlala kwaJuda, bathokoza.


USolomoni wayeseqoqa amalunga akwa-Israyeli, zonke izinhloko zezizwana, abaholi bawoyise babantu bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, bewususa emzini kaDavide iZiyoni.


Inkosi uSolomoni, nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene nayo lapho phambi komphongolo, bahlaba izimvu nezinkabi ezingenakubalwa ngenxa yobuningi bazo.


Abantu base behlangana, kwangathi bamuntu munye, egcekeni elaliphambi kweSango Lamanzi. Bamtshela u-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uSimakade awunika u-Israyeli.


Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo.


Umphristi ohlambululayo uyobeka umuntu ozohlanjululwa nalezo zinto phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana.


“Thatha u-Aroni namadodana akhe, izembatho, amafutha okugcoba, inkunzi yomnikelo wesono, izinqama ezimbili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,


UMose wenza njengalokhu uSimakade emyalile; waqoqela inhlangano ngasemnyango wethende lokuhlangana.


“Thatha intonga, uqoqe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, ukhulume edwaleni phambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo. Uyakubavezela amanzi edwaleni, uyinike inhlangano nezinkomo zayo okokuphuza.”


Basuka lapho, baya eBheri; lowo ngumthombo athi ngawo uSimakade kuMose: “Qoqa abantu ukuze ngibaphe amanzi.”


Uyobaletha abaLevi phambi kwethende lokuhlangana, uqoqe yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli.


Kwathi sekufike usuku lwePhentekhoste, bebuthene bonke ndawonye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka