Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 4:12 - IsiZulu 2020

12 zonke izitho zeduna uyokukukhiphela ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo lapho kuchithwa khona umlotha, akushise ezinkunini ezisemlilweni kuze kube ngumlotha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu,* ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngisho nenkunzi yonke kumelwe ayikhiphele ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile lapho kulahlwa khona umlotha, futhi kumelwe ayishise phezu kwezinkuni ngomlilo; lapho okulahlwa khona umlotha, kumelwe ashiswe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 4:12
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa inyama yenkunzi, nesikhumba sayo, nomswani wayo, uyokushisela ngaphandle kwenkambu; kungumnikelo wesono.


Uyakuthatha inkunzi yomnikelo wesono, ishiswe endaweni yendlu ekhethiweyo, engaphandle kwendlu engcwele.


Ungcolile ngaso sonke isikhathi. Uyohlala yedwa endlini yakhe engaphandle kwenkambu.


Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, okungeniswe igazi lakho ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwenkambu, izikhumba zakho nenyama yakho nomswani wakho, kushiswe ngomlilo.


Uyolikhiphela iduna ngaphandle kwenkambu, alishise njengoba eshise elokuqala; lingumnikelo wesono webandla.


Yonke iminikelo yokusanhlamvu yomphristi iyoshiswa yonke; ingadliwa.”


Kepha yonke iminikelo yesono okungeniswe igazi layo ethendeni lokuhlangana ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ayinakudliwa; iyoshiswa ngomlilo.’ ”


Kuyothi uma onile, wabona ukuthi unecala, akubuyisele lokho abekwebile, nakudlileyo, noma obekubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile, wakuthola;


Kepha inkunzi nesikhumba sayo, inyama yayo, nomswani wayo, wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwenkambu.


USimakade wathi kuMose: “Lowo muntu kufanele abulawe. Inhlangano yonke iyokumkhanda ngamatshe, ngaphandle kwenkambu.”


basinike u-Eleyazare umphristi, yena asikhiphele ngaphandle kwenkambu, asihlabe phambi kwakhe.


Isithole uyosishisa phambi kwakhe, nesikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, nomswani waso.


Niyokhiphela ngaphandle kwenkambu abesilisa nabesifazane, ukuze bangalingcolisi inkambu engihlala kulo.”


Izidumbu zezilwane igazi lazo elingeniswa ngumphristi omkhulu endaweni engcwele, zikhishelwa ngaphandle kwenkambu ngenxa yezono.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka