Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 3:11 - IsiZulu 2020

11 Umphristi uyakukushisa lokhu kube nentuthu e-althare, kungumnikelo wokudla womlilo kuSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Umpristi uyakukushisa e-altare; kungukudla komnikelo womlilo kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Umpristi uyakuwukhanyisa e-altare: kungumnikelo wokushiswa kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 3:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.


Ngokuba ningenise abezizwe abangasokile enhliziyweni nasenyameni, ukuba bangene endlini yami engcwele, bayingcolisa indlu yami; lapho ninikela kimi ngesinkwa, ngamanoni nangegazi; nasephula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.


“Khuluma ku-Aroni uthi: ‘Akukho muntu okhubazekile ozalweni lwakho, ezizukulwaneni zalo, oyakusondela anikele ngesinkwa kuNkulunkulu wakhe.


Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yokushiswa kaSimakade, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho, bayakuba ngcwele.


Uyakumehlukanisa abe ngcwele, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho. Uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba Mina Simakade okwehlukanisayo, ngingcwele.


Aniyukwemukela lutho esandleni sowezizwe, bese ninikela ngakho kube yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba kunikelwe kunokungcola kukho, ngakho-ke akuyukwemukeleka.’ ”


Umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo ube yiphunga elimnandi. Onke amanoni angakaSimakade.


Amadodana ka-Aroni ayokushisa konke lokhu kube nentuthu e-althare, nomnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni, kube ngumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


“Kodwa nina niyalihlambalaza ngokukhuluma kwenu nithi: ‘Itafula leNkosi lingcolile, nokudla kwalo kudelelekile.’


Ngokuletha e-althare lami ukudla okungcolileyo. Qede nithi: “Sikungcolise ngani na?” Ngokusho kwenu nithi: “Itafula likaSimakade lidelelekile.”


“Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Anoqikelela ukuba umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, ninikele ngawo kimi ngesikhathi sawo.’


Niyonikela kanjalo imihla yonke kube izinsuku eziyisikhombisa; isinkwa somnikelo womlilo ube yiphunga elimnandi kuSimakade. Kuyonikelwa ngakho, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwayo.


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke. Kungaba kanjani pho, ukuba angasiphi konke kanye nayo na?


Anikwazi ukuphuza indebe yeNkosi kanye nendebe yamadimoni. Anikwazi ukuhlanganyela itafula leNkosi kanye netafula lamadimoni.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka