Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 26:11 - IsiZulu 2020

11 Ngiyakubeka ithabanakeli lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyukuninenga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngiyakubeka itabernakele* lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngiyakumisa itabernakele lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 26:11
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ezindaweni zonke engihambe kuzo nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli ngake ngalikhipha yini izwi kunoma yisiphi isizwana sakwa-Israyeli engasiyala ukuba seluse abantu bami u-Israyeli ngathi: aningakhelanga ngani indlu yemisedari na?” ’


ngiyakuhlala phakathi kwabakwa-Israyeli, angiyukubashiya abantu bami, u-Israyeli.”


Ngikwakhele nokukwakhela indlu yokuhlala, indawo oyakuhlala kuyo kuze kube phakade.”


“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala ngempela yini emhlabeni na? Ngisho izulu nezulu lamazulu alinakukumumatha; pho ibiyini-ke le ndlu encane engiyakhileyo na?


Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abantu bakhe, ifa lakhe laba yisinengiso kuye.


Ithabanakeli lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseZiyoni.


Ngesikhathi uNkulunkulu ekuzwa lokho wabathukuthelela, wamlahla impela u-Israyeli.


“Mabangenzele ithabanakeli elingcwele ukuze ngihlale phakathi kwabo.


Ngiyohlala phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, ngibe nguNkulunkulu wabo.


Bayokwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo, owabakhipha eGibhithe ukuze ngihlale phakathi kwabo; nginguSimakade uNkulunkulu wabo.


Ungasideleli ngenxa yegama lakho, ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasephuli isivumelwano sakho nathi.


INkosi yalilahla i-althare layo, yashiya indawo yayo engcwele; izindonga zezigodlo zamakhosi ayo yazinikela esitheni. Sabanga umsindo omkhulu endlini kaSimakade kwangathi kungosuku lomkhosi.


Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli, nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu, akekho omunye; abantu bami abayukujabha kuze kube phakade.


Aniyukuhamba ngezimiso zezizwe engizozixosha phambi kwenu, ngokuba zenzile zonke lezi zinto; nganengwa yizo.


uma nilahla izimiso zami, nomphefumulo wenu unengwa yizehlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiyalo yami, kodwa naphula isivumelwano sami,


Bayakulishiya izwe, lithokoze ngamasabatha alo lisahlezi liyincithakalo, kungekho muntu kulo. Bona besamukeliswa isijeziso sobubi babo, ngokuba balahla izehlulelo zami, umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.


Kepha nalapho besesezweni lezitha zabo angiyukubalahla, angiyukunengwa yibo ukuba ngingaze ngibaqothule, ngephule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wabo.


Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.


okukuyo nani, nakhiwe ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.


“USimakade wakubona lokho, wanengwa ngukuchukuluzwa ngamadodana namadodakazi akhe.


Kepha uma izwe lenu lingcolile, welelani ezweni eliyifa likaSimakade, lapho kukhona ithabanakeli likaSimakade, nibe nefa phakathi kwethu; ningamhlubuki uSimakade uNkulunkulu wethu, futhi ningasihlubuki nathi ngokuzakhela i-althare, kunalelo likaSimakade uNkulunkulu wethu.


Umphristi uFinehasi, indodana ka-Eleyazare, wathi kwabakwaRubeni nabakwaGadi nabakwaManase: “Namuhla sesiyazi ukuthi uSimakade uphakathi kwethu, ngokuba anisenzanga lesi siphambeko kuSimakade; namuhla nibasindisile abakwa-Israyeli esandleni sikaSimakade.”


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Ithabanakeli likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, Yena abe nguNkulunkulu wabo.


Ngakho-ke bami phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, bamkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nalowo ohleli esihlalweni sobukhosi uyakwendlala ithabanakeli phezu kwabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka