Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 20:3 - IsiZulu 2020

3 Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume phakathi kwabantu bakubo; ngoba wanika uMologi enye inzalo yakhe ukuze angcolise indlu yami engcwele futhi angcolise ibizo lami elingcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 20:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Noma yimuphi oyogcoba ngawo umuntu ongafanele, uyonqunywa phakathi kwabantu.’ ”


“ ‘ “Nina ndlu yakwa-Israyeli,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “hambani; kube yilowo nalowo ayokhonza isithombe sakhe, kodwa kamuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, ngenxa yokuba ungcolise indawo yami engcwele ngakho konke okwenyanyekayo kwakho, nangazo zonke izinengiso zakho. Nami impela, ngiyakukunciphisa, iso lami aliyukuba nasihawu, futhi Mina, angiyukuba nabubele kuwe.


“ ‘Kanjalo-ke niyakugcina abantu bakwa-Israyeli behlukanisiwe nokungcola kwabo ukuze bangafeli ekungcoleni kwabo, nokuba bangayingcolisi indawo yami engihlala kuyo phakathi kwabo.’ ”


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


“ ‘Aniyukwenza isifungo samanga ngegama lami; nize nihlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguSimakade.


Uma abantu balelo lizwe bethalalisa, benza sengathi ababoni lapho enikela ngenzalo yakhe kuMolekhi, bengambulali lowo muntu,


Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yokushiswa kaSimakade, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho, bayakuba ngcwele.


Kepha oyokudla inyama yomhlatshelo wokuthula kaSimakade esangcolile uyonqunywa.


Uma umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu, noma isilwane esingcolileyo, noma into engcolileyo, enengekayo, bese edla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula kaSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.’ ”


Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angazihlambululi ekungcoleni, uyongcolisa ithabanakeli likaSimakade. Lowo muntu uyonqunywa kwa-Israyeli, lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, uyakuhlala engongcolile; ukungcola kwakhe kungasuki kuye.


Umuntu ongcolileyo futhi ongazihlambululanga, lowo uyakunqunywa ebandleni ngoba engcolise indawo kaSimakade engcwele. Lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, ungcolile.


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka