Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 2:12 - IsiZulu 2020

12 Unganikela ngakho kuSimakade kube ngumnikelo wolibo, kodwa awuyukunikela ngakho e-althare kube yiphunga elimnandi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Anonikela ngakho kube ngumnikelo wolibo; kungenyukeli e-altare nokho, kube yiphunga elimnandi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Umnikelo womlilo wezibulo uyakuwunikela kuJehova, kepha awuyikushiswa e-altare ube yiphunga elimnandi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 2:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke insimu ka-Efroni eseMakhaphela, eyayisempumalanga neMamre, insimu nomgede owawukuyo, nezihlahla zonke ezazingaphakathi komngcele wayo.


Lathi ukuba leli lizwi lisabalale, abantu bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lokusanhlamvu, olwewayini, olwamafutha, oloju, nolwazo zonke izithelo zamasimu nokweshumi kwakho konke, bakuletha okweshumi kwakho konke lokhu.


“Awuyukukhohlwa ukuletha iminikelo yesivuno sakho sokusanhlamvu nesewayini. “Amazibulo amadodana akho uyakuwanika Mina.


“Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala. “Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”


“Uyowugcina umkhosi wamaviki, owolibo lukakolo ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ekupheleni konyaka.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lapho senifikile ezweni engizakuninika lona, senivunile isivuno salo; niyoletha kumphristi isithungo solibo lokuqala lwesivuno senu.


Niyoletha okuvela ezindlini zenu kube yizinkwa ezimbili zomnikelo wokuzungeziswa, okubili eshumini kwempuphu ecolisekileyo, ziyoba nemvubelo, bese ziphekwa, zibe lulibo lokuqala kuSimakade.


Uyakuletha nomnikelo wokubonga umhlatshelo wakhe wokuthula namaqebelengwane esinkwa esinemvubelo.


Niyonikela ngeqebelengwane lenhlama yenu yokuqala libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyowenza kanjalo.


“Konke okuhle kwamafutha amasha nakho konke okuhle kwewayini elisha nokusanhlamvu, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuSimakade, ngikunike khona.


Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo.


Manje-ke, bheka, ngilethe ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona, Wena Simakade,’ bese ulubeka phansi, phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho,


Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka