Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 13:4 - IsiZulu 2020

4 Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, futhi libonakala lijulile esikhumbeni, noboya obukulo sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, lingabonakali lishonile kunesikhumba, noboya balo bungaphendukile baba mhlophe, khona umpristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yalo, libonakala lingashonile kunesikhumba, noboya balo bungaphendukanga baba mhlophe; khona-ke umpristi kumelwe amvalele onesifo izinsuku eziyisikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 13:4
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“ ‘ “Kepha abaLevi baqhelela kude nami ngesikhathi u-Israyeli eduka, ephambuka, elandela izithombe zabo, nabo bayakubuthwala ububi babo.


kusho ukuthi unesifo esinzima esithathelanwayo esisekhumbeni sakhe. Umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile, akayukumvalela, ngoba ungcolile.


umphristi uyakulihlola, uma uboya obusebaleni elikhanyayo sebuphendukile baba mhlophe, selibonakala ukuthi lishonile kunesikhumba, isifo esithathelanwayo; sivele esibazini; umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile; yisifo esithathelanwayo.


Kepha uma umphristi elihlola, ebona kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, umphristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa.


Umphristi uyosihlola isifo esisesikhumbeni sakhe; uma uboya obusebaleni sebuphenduke baba mhlophe, nesifo sibonakala ukuthi sijulile esikhumbeni sakhe, kuyisifo esinzima, umphristi uyakukubona lokho bese ememezela ukuthi ungcolile.


Uma umphristi esihlola isifo somuna, sibonakala singashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kuso, khona umphristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa.


Umphristi uyakumhlola ngosuku lwesikhombisa, uma ebona ukuthi isifo simile asiqhubeki, umphristi uyakumvalela okwesibili ezinye izinsuku eziyisikhombisa.


Umphristi uyakusihlola isifo, akuvalele konke lokho okunochoko izinsuku eziyisikhombisa,


umphristi uyophuma aye ngasemnyango wendlu, ayivale indlu izinsuku eziyisikhombisa.


USimakade wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ngamathe ebusweni, ubengelithwale yini ihlazo lakhe izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho uyakubuye angeniswe.”


UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Abantu abazange bahambe, waze wabuyiswa uMiriyamu.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


uyohlola, uphenyisise, ubuzisise. Bheka, uma kuyiqiniso ukuthi leso sinengiso senziwe phakathi kwenu,


Izono zabanye abantu zisobala, ziyabandulela, zibaholele ekwehlulelweni, kodwa abanye ziyabalandela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka