Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 10:9 - IsiZulu 2020

9 “Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho, nxa ningena ethendeni lokuhlangana, ukuze ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ungaliphuzi iwayini nophuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, lapho ningena etendeni lokuhlangana, ukuze ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 10:9
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.


Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.


Abaphristi nabaphrofethi bacwile shi ezinkambeni, babona imibono eyize, bakhubeke ekwehluleleni. Labo ababhukuda ewayinini, babhamazeliswa wuphuzo olunamandla.


Akukho noyedwa kulabo baphristi oyakuphuza iwayini ngesikhathi bengena egcekeni elingaphakathi.


bazinikela ekufebeni, ewayinini, nasewayinini elisha, okususa ingqondo.


USimakade wakhuluma ku-Aroni, wathi:


“ ‘Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindaweni enihlala kuzo sokuthi aniyukuwadla amanoni negazi.’ ”


Umphristi akuzungezise, kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade; lokhu kungcwele kumphristi nesifuba sokuzungeziswa nomlenze wokuzungeziswa. Emveni kwalokho umnaziri angaliphuza iwayini.


uyozehlukanisa newayini nophuzo olunamandla. Akayukuwuphuza uviniga wewayini, uviniga wophuzo olunamandla, akayukuphuza lutho lwezithelo zomvini, futhi akayukuwadla amagilebhisi asemasha noma omisiwe.


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


ongesiyo inkolotshe yewayini, ongesiso isidlova, kodwa omnene, ongenalo uchuku, ongayikhonzile imali,


Ngokunjalo namadikoni kufanele abe ngahloniphekile, angabi nolimi olumbaxambili, angabi zinkolotshe zewayini, angayihaheli inzuzo embi,


Ungaphuzi amanzi wodwa, kodwa phuza kancane newayini ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka obukuvamileyo.


Ngokuba kubalulekile ukuba umphathi abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, angabi ngoziqhenyayo, oshesha ukuthukuthela, oyinkolotshe, oyisidlova, ohahela inzuzo embi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka