Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 3:8 - IsiZulu 2020

8 Ngiyakuthengisa amadodana namadodakazi enu ngesadla sabantu bakwaJuda, bayakuwathengisa kumaSabhiyani, isizwe esikude.” Impela usekhulumile uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngiyakuthengisa ngamadodana enu nangamadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude,” ngokuba uJehova ukhulumile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakuthengisa ngamadodana enu namadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude, ngokuba uJehova ukukhulumile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 3:8
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngesikhathi kufika amaShebha akuthumba, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”


Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.


Amadodana alabo abakuhluphileyo ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha, nabo bonke abakwedelelayo bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo nabo bayakudliwa, zonke izitha zakho ngothi lwazo ziyakuthunjwa, nalabo abakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakuqhwagayo ngiyakubenza impango.


Inalusizo luni kimi inhlaka evela eShebha, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


“Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawuzwakala lapho; kwalethwa nezidakwa zasehlane, bazifaka amabhengele ezandleni zazo, nemiqhele emihle emakhanda azo.


“ ‘ “ISheba, iDedani nabahwebi baseTharishishi nayo yonke imizana yakini, kuyakuthi kuwe: Ngabe uzophanga yini na? Uqoqe iviyo lakho ukuba uzoqhwaga impahla, uthathe isiliva, igolide, imfuyo, nempahla, uphange impango eningi na?” ’


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


Ngakho-ke uSimakade wabanikela esandleni sikaJabhini, inkosi yaseKhanani, owayebusa eHazori, umkhuzi wempi yakhe kwakunguSisera owayehlala eHaroshethi labezizwe.


UDebhora wathi: “Ngizohamba nawe, kodwa-ke indlela oyithathayo manje ayizukukunika udumo, ngokuba uSimakade uyomnikela uSisera esandleni sowesifazane.” UDebhora wasukuma, wahamba noBharaki, baya eKedeshi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka