Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 2:5 - IsiZulu 2020

5 Bagqabashiya kube sengathi ngumsindo wezinqola ezicongweni zezintaba, nanjengomsindo welangabi lomlilo ongqongqisa amahlanga, banjengabantu abanamandla abavivela ukulwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba, njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibi nanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Njengomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba bayogxuma, njengomsindo welangabi lomlilo liqothula izinhlanga, njengabantu abanamandla abami ngokulandelana kwempi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 2:5
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nguwe yini olenza ligxume njengesikhonyane na? Ukuthimula kwalo okukhulu kuyesabeka.


Ngakho-ke abantu bahlakazeka kulo lonke iGibhithe ukuyoqoqa izinhlanga esikhundleni sotshani.


USimakade uyokwenza izwi lakhe elimangalisayo lizwakale, enze ingalo yakhe ibonakale yehla ngolaka lwakhe oluvuthayo, nangelangabi lomlilo oqothulayo, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


Njengamalangabi ekhotha amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika kuwo, impande yabo iyofana nokubola, nembali yabo ibe njengothuli; iyakuthuquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla, baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa; umsindo wabo uzwakala njengokuduma kolwandle; bagibele amahhashi, bahlelwe njengamabutho eyohlasela indodakazi yaseBhabhele.


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Sasinezivikelo zezifuba ezinjengezivikelo ezenziwe ngensimbi, umsindo wamaphiko aso wawufana nomdumo wezinqola zamahhashi amaningi egijima eqonde empini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka