Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 8:14 - IsiZulu 2020

14 Lapho inkosi yase-Ayi ikubona lokho, yaphuma ngokushesha ekuseni, yona nabantu bayo, izakhamuzi zomuzi i-Ayi, baya endaweni ebhekene ne-Araba lapho impi yayibambene khona neyakwa-Israyeli, kodwa yayingazi ukuthi kukhona abayilalele unyendle emva komuzi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kwathi inkosi yase-Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u-Israyeli, yona nabantu bayo, endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane; yayingazi nokho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Inkosi yase-Ayi ikubona lokho, baqeda masinyane nangovivi; abantu bomuzi baphuma ukulwa no-Israyeli, yona nabantu bayo bonke, ngesikhathi esimisiweyo phambi kwethafa; kodwa wayengazi ukuthi ngemva komuzi kwakukhona ababemqamekele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 8:14
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.


Izikhulu zaseZowani ziyiziwula ngempela, abeluleki abahlakaniphileyo bakaFaro beluleka ubuwula. Ningasho kanjani kuFaro, nithi: “Ngiyindodana yezihlakaniphi, isizukulwane samakhosi asemandulo” na?


Izikhulu zaseZowani seziphenduke iziwula, izikhulu zaseNofi ziluthekile. Labo abayizinsika zezizwe zalo balidukisile iGibhithe.


Kwathi nje izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwase kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukhadinezari, kukhulunyiwe kuwe kwathiwa: umbuso usukile kuwe;


Abazanga; kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.


inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engalulindele nangehora engalaziyo,


Lawa ngamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli phesheya kweJordani, ehlane i-Araba, maqondana neSufi, phakathi kwePharanu, iThofeli, iLabhani, iHazerothi, neDi Zahabhi.


Bawahlela amabutho, ingxenye enkulu yawo yayingasenyakatho, ingxenye eyayingemuva ingasentshonalanga yomuzi. UJoshuwa walala esigodini ngalobo busuku.


UJoshuwa nayo yonke impi yakwa-Israyeli, bashaya sengathi bayehlulwa, base beyabaleka ngendlela eqonde ogwadule.


Ngakho-ke bonke abantu ababesemzini babizelwa ndawonye ukuba babaxoshe. Besaxosha uJoshuwa baya ngokuya bededa emzini.


Mina nabo bonke abantu abanami siyakusondela emzini; kuyothi lapho bephuma besihlasela, sicele empunzini njengakuqala.


futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


Amabutho ayebhacile, agijimela eGibheya ngokushesha, ayesewubhubhisa wonke umuzi ngenkemba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka