Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 5:6 - IsiZulu 2020

6 Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, aze abhubha onke amaqhawe aphuma eGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; uJehova afunga kubo ukuthi akayikuba nalutho. Sibabonise izwe uJehova alifungela okhokho babo ukusinika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 5:6
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bazulazula ehlane, abaze bayithola indlela yokuya emzini ababezohlala kuwo.


ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’


Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


Phezu kwalokho ngafunga kubo ehlane ukuthi angiyukubangenisa ezweni engangibanike lona, elichichima ubisi noju, elihle kunawo wonke amazwe,


“ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe.


“Kuyothi ngalolo lusuku izintaba ziconse iwayini elimnandi, amagquma agobhoze ubisi, imihosha yonke yakwaJuda igeleze amanzi. Kuyakuqhuma umthombo endlini kaSimakade oyakunisela isigodi iShithimi.


akukho namunye kubo oyakulibona izwe engafunga kokhokho babo ngalo. Bonke labo abangedelela ehlane abayukulibona.


Yilabo-ke abaLevi ababalwa nguMose no-Eleyazare, umphristi, ngesikhathi kubalwa abakwa-Israyeli emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho.


Kwathi ngonyaka wama-40, ngenyanga ye-11, ngosuku lokuqala lwayo, uMose watshela abakwa-Israyeli konke lokho uSimakade ayemyale ngakho ukuba akukhulume kubo.


“Izinsuku esazihamba sisuka eKadeshi Bharineya size siyowela umfula iZeredi kwaba yiminyaka engama-38, saze saphela sonke leso sizukulwane samabutho empi phakathi kwenkambu, njengalokho uSimakade ayefungile.


“USimakade uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho. Ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu, nakule minyaka engama-40, uSimakade uNkulunkulu wakho ube nawe, aweswelanga lutho.


Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engama-40.


njengalokhu ngafunga ngithukuthele, ngathi: ‘Abayukungena ekuphumuleni kwami.’ ”


Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.


Lapho bekhala kuSimakade, waletha ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe. Wenza ulwandle ukuba lubuyele phezu kwabo lubagubuzele; nakubona engakwenza kwabaseGibhithe; emveni kwalokho nahlala ehlane izinsuku eziningi.


Nakuba bonke ababephume eGibhithe babesokiwe, bonke abazalelwa endleleni kudatshulwa ehlane emveni kokuphuma eGibhithe, babengasokiwe.


Waphakamisa abantwana babo esikhundleni sabo, uJoshuwa wabasoka ngokuba babengasokwanga endleleni;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka