Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 4:11 - IsiZulu 2020

11 Lapho bonke abantu sebeqedile ukuwela, abaphristi bawela nomphongolo kaNkulunkulu abantu bebuka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela, umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kwathi sebehlambulukile bonke abantu, umphongolo kaJehova nabapristi badabula phambi kwabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 4:11
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.


“ ‘Lapho niwela iJordani, nafika eJerikho; izakhamuzi zalo zalwa nani, kanjalo nama-Amori, amaPherizi, amaKhanani, amaHithi, amaGirigashi, amaHivi, namaJebusi, ngabanikela esandleni senu.


Abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bama bangathi nyaka emhlabathini owomile phakathi kweJordani, saze sawela sonke isizwe sakwa-Israyeli, sihamba emhlabathini owomileyo.


Nguwe oyakuyala abaphristi abathwele umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa senifikile osebeni lomfula iJordani, niyokuma ninganyakazi.’ ”


Abaphristi ababethwele umphongolo bama phakathi eJordani, kwaze kwaphela konke lokho uSimakade ayeyale uJoshuwa ukuba akusho kubantu, njengakho konke uMose ayemyale ngakho uJoshuwa. Abantu bawela ngokushesha.


Abozalo lukaRubeni nolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase bawela umfula behlomile phambi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uMose ayebayalile.


Lapho abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bephuma phakathi nomfula iJordani, amathe ezinyawo zabo esethinte emhlabathini owomileyo, amanzi eJordani abuyela endaweni yawo, umfula wagola izintethe njengakuqala.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka