Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 18:4 - IsiZulu 2020

4 Khethani amadoda ngamathathu kuleso naleso sizwana. Ngizowathuma aphume ahambe kulona lonke izwe, alobe ngalo alichaze asho ukuthi lifa lini elingabelwa leso naleso sizwana, bese ebuyela kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Zimiseleni amadoda amathathu izizwe ngezizwe; ngiyakuwathuma ukuba asuke ahambe ezweni, alilobe njengamafa azo, aze afike kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Zinikeni amadoda amathathu esizweni ngasinye, ngiwathume, asuke, adabule izwe, alibhale njengefa lawo; futhi bayobuyela Kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 18:4
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke akuyukubabikho kini ophonsa intambo yokulinganisa ngonkatho ebandleni likaSimakade.


Kuleso naleso sizwana niqoke umuntu abe munye, abe yinhloko yendlu yokhokho bakhe.


“Thumela amadoda ukuba ayohlola iKhanani engizakulinika abantu bakwa-Israyeli. Uthumele umuntu abe munye kuleso naleso sizwana sokhokho babo, yilowo nalowo abe ngumholi phakathi kwaso.”


Ngakho-ke uJoshuwa wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Niyakudembesela kuze kube nini ningaphumi nidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona na?


Ayakulehlukanisa izingxenye eziyisikhombisa: uJuda aqhubeke ahlale endaweni yakhe eseningizimu, indlu kaJosefa endaweni yayo enyakatho.


Anoloba nilichaze izwe nilehlukanise kasikhombisa, bese niletha incazelo kimi, nginenzele unkatho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu.


Ngakho-ke amadoda ahamba, adabula ezweni, aloba encwadini achaza ngomumo walo imizi ngemizi, izabelo eziyisikhombisa; ayesebuyela kuJoshuwa enkanjini eShilo.


Ngakho-ke khethani amadoda ali-12 kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, abe munye kuleso naleso sizwe.


“Ziqokeleni amadoda ali-12 phakathi kwabantu, uqoke indoda ibe yinye kuleso naleso sizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka