Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 15:8 - IsiZulu 2020

8 bese ukhuphuka esigodini samadodana kaHinomu ekwehleni okungaseningizimu yamaJebhusi, okuyiJerusalema, nomngcele okhuphukela phezulu entabeni ebhekene nesigodi iHinomu, entshonalanga engasekugcineni, enyakatho yesigodi iRefa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umkhawulo wenyuka waya esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kwamaJebusi ngaseningizimu; leli yiJerusalema, umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba ephambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga, esisekupheleni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 15:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

AmaFilisti afika lapho, ayeseviva eSigodini samaRefa.


AmaFilisti abuye enyuka futhi, afika aviva esigodini samaRefa.


Yangcolisa iThofethi esigodini sabantwana bakwaHinomu ukuze kungabe kusaba bikho odabulisa indodana noma indodakazi yakhe emlilweni kaMolokhi.


UDavide no-Israyeli wonke baya eJerusalema eliyiJebusi, lapho kwakuhlala khona izakhamuzi zakulelo lizwe, amaJebusi.


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa amadodana akhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


eZanowa, e-Adulamu nasemizaneni yawo, eLakhishi namasimu alo, e-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBheri Sheba kuze kube sesigodini SikaHinomu.


Kuyoba njengomuntu evuna amabele emazimbeni asamile, nengalo yakhe ivuna izikhwebu, nanjengokhothozayo esigodini samaRefa.


UJeremiya wayesebuya eThofethi lapho uSimakade ayemthume khona ukuba ayophrofetha; wema egcekeni lendlu kaSimakade, wathi kubantu bonke:


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu, esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe.


Ngakho-ke ziyeza izinsuku, kusho uSimakade, lapho le ndawo ingasayukubizwa ngokuthi iThofethi, noma yisigodi sendodana kaHinomu, kepha yiSigodi Sokubulala.


Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.


wehle ubheke emngceleni wentaba ebhekene nesigodi sendodana kaHinomi, esingasenyakatho ekugcineni nesigodi iRefayimu; wehlele esigodini sikaHinomu, esiseningizimu nomthambeka wamaJebusi, wehle njalo uze uyofika e-Eni Rogeli,


iZela, i-Hahelefi, iJebusi okuyiJerusalema, iGibheya, neKiriyathi, kuyimizi eli-14 nemizana yayo. Lesi kwakuyisabelo sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yabo.


Kodwa abozalo lukaBhenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho-ke amaJebusi asahlala eJerusalema phakathi kwabozalo lukaBhenjamini kuze kube namuhla.


Abantu bakwaJuda balwa neJerusalema, balidla, balibhubhisa ngenkemba, bawuthungela umuzi ngomlilo.


Indoda yenqaba ukuphinde ilale ngalobo busuku, yasukuma yahamba, yaze yafika maqondana neJebusi, okuyiJerusalema. Yayihamba nesancinza sayo nezimbongolo ezimbili eziboshelwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka