Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 14:9 - IsiZulu 2020

9 UMose wafunga ngalolo lusuku, wathi: ‘Impela izwe lapho unyawo lwakho lunyathele khona liyokuba yifa lakho nabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele ngenhliziyo epheleleyo uSimakade uNkulunkulu wami.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UMose wafunga ngalolo suku, wathi: ‘Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UMose wafunga ngalolo suku, wathi: “Impela izwe olunyathelwe yizinyawo zakho liyakuba yifa lakho nelababantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 14:9
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba.


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.


ngaphandle kukaKhalebhu indodana kaJefune. Nguyena kuphela oyolibona. Ngiyakumnika izwe anyathele kulo, yena nabantwana bakhe, ngokuba wamlandela ngokupheleleyo uSimakade wakhe.’


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona, iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebhanoni nasemfuleni, umfula iYufrathe, kuze kube solwandle olungasentshonalanga, iyakuba yindawo yenu.


Yonke indawo lapho nibeke khona unyawo lwenu, leyo ndawo ngiyakuninika yona njengalokhu ngishilo kuMose.


“Manje, uSimakade ungivumele ngaphila njengalokhu ayeshilo, yonke le minyaka engama-45 kusukela ngesikhathi uSimakade akhuluma ngaso leli lizwi kuMose, ngesikhathi u-Israyeli esehamba edabula ehlane; manje ngisekhona nanamuhla, sengineminyaka engama-85.


IHebhroni lanikwa uKhalebhu njengalokhu uMose ayeshilo, waxosha kuyo amadodana amathathu ka-Anaki.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka