Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 11:6 - IsiZulu 2020

6 USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngiyakubakhulula bonke abanqotshiweyo phambi kuka-Israyeli; kumelwe unqume amahhashi abo futhi ushise izinqola zabo ngomlilo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 11:6
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathumba abamahhashi abayi-1 700, nemigundatshani eyizi-20 000; uDavide wanquma imisipha yawo wonke amahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela ayikhulu.


Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”


Kusasa yehlelani kubo; bayobe bekhuphuka ngommango waseZizi; niyakubafumana ekugcineni kwesigodi, phambi kwehlane eJeruweli.


Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Olungileyo uhamba ngobuqotho; babusisiwe abantwana bakhe.


Kodwa nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngakho niyakubaleka: ‘Siyakubaleka sigibele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.


Maye, kulabo abehlela eGibhithe ukuyocela usizo, abethembele emahhashini nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi, nakubagibeli bamahhashi ngokuba benamandla, kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli, bengamfuni uSimakade!


“ ‘ “Abahlala emizini yakwa-Israyeli bayakuphuma, baphembe umlilo ngezikhali, bazishise izihlangu, amahawu, iminsalo, imicibisholo, izinduku, nemikhonto, konke lokho bayakubasa ngakho umlilo, iminyaka eyisikhombisa.


I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”


“Uyabona-ke, ngimelene nawe, ngiyakushisa izinqola zakho entuthwini, inkemba ibhuqabhuqe amawundlu akho, ngiyakuyiqeda nya inyamazane yakho ezweni, nephimbo lezithunywa zakho aliyukuphinde lizwakale,” kusho uSimakade.


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akukho namunye kubo oyakuma phambi kwakho.”


Wonke lawo makhosi ayihlanganisa impi yawo, eza, akanisa ndawonye ngasemanzini eMerome, ukuba alwe no-Israyeli.


Wayesefika uJoshuwa nawo wonke amabutho, abahlasela bengazelele ngasemanzini eMerone, babathelekela.


UJoshuwa wenza kubo njengalokhu uSimakade ayemyalile: wanquma amahhashi abo imisipha, washisa nezinqola zabo ngomlilo.


UJoshuwa wayesethi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uSimakade uzokwenza izimangaliso phakathi kwenu.”


noFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni, wayemi phambi kwawo ngalezo zinsuku, bathi: “Siphinde yini siphume siyolwa nabafowethu bakwaBhenjamini noma siyeke, na?” USimakade waphendula wathi: “Khuphukani, ngokuba kusasa ngizobanikela esandleni senu.”


Ngalobo busuku uSimakade wathi kuye: “Vuka wehlele enkanjini, ngokuba ngiyinikele esandleni sakho.


Bathi ezithunyweni ezazifike kubo: “Niyothi kubantu baseJabheshi Gileyadi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele, niyakukhululwa.’ ” Izithunywa zafika zabatshela abantu baseJabheshi; bathokoza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka