Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 11:15 - IsiZulu 2020

15 Njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo noMose wayala uJoshuwa; noJoshuwa wenza kanjalo; akashiyanga nakunye kukho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Njengalokho uJehova ebemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa; noJoshuwa wenze njalo; akayekanga into neyodwa kukho konke uJehova amyala ngakho uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Njengalokho uJehova emyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa, wenze njalo uJoshuwa; akenzanga lutho uJehova ayemyale ngalo uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 11:15
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isandla sikaNkulunkulu sasikuJuda ukubenza babe nhliziyonye ukuze bagcine isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaSimakade.


USimakade wakhuluma kuMose emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, wathi:


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nibhubhise yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho.


“Kepha, maye, kini baFarisi, ngokuba nikhipha okweshumi kweshaladi nopelepele, nazo zonke izinhlobo zemifino, kodwa nibushaya indiva ubulungiswa nokuthanda uNkulunkulu. Lokho-ke bekufanele nikwenze, kodwa ningaziyeki nezinye.


Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Kepha uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, abhubhise lezi zizwe ubuka, uzidle; uJoshuwa uyowela phambi kwakho njengalokhu uSimakade eshilo.


USimakade uyozinikela kini, nenze kuzo ngokwemiyalo yonke enginiyale ngayo.


UMose wambiza uJoshuwa, bebuka bonke abantu bakwa-Israyeli, wathi kuye: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu uye ezweni uSimakade afunga kokhokho babo ukubanika lona. Nguwena oyakwenza ukuba balidle ifa lalo.


Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezehlulelo, njengokuba uSimakade uNkulunkulu wami engiyalile ukuba nenze kanjalo phakathi kwezwe enizongena kulo ukuba nilidle.


nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.


UJoshuwa wayidla yonke imizi yalawo makhosi nawo wonke amakhosi ayo, wakuchitha ngenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaSimakade.


Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo.


UJoshuwa walidla lonke lelo lizwe: elezintaba, nayo yonke iNegevu, nalo lonke iGosheni, amathafa, i-Araba, nelezintaba kwa-Israyeli, namathafa alo,


“Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka