Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 10:8 - IsiZulu 2020

8 USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akukho namunye kubo oyakuma phambi kwakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele ezandleni zakho; akuyikubakho muntu wabo ongema phambi kwakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akuyikubakho muntu kubo oma phambi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 10:8
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, kwasondela umphrofethi ku-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uyasibona sonke lesi sixuku esikhulu? Ngizosinikela esandleni sakho namuhla, ukuze wazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngoba yena nabantu bakhe bonke nezwe lakhe ngikunikele esandleni sakho. Uyokwenza kuye njengoba wenzile kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.’


Amakhosi azo uyowanikela esandleni sakho, wena uyoliqeda nya igama lawo phansi kwezulu; akukho muntu oyoma phambi kwakho, uze uqede ukuzibhubhisa.


UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uSimakade uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.”


UJoshuwa wabathelekela bengazelele; kwazise wayehambe ubusuku bonke esuka eGiligali.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungesabi, ungabi naluvalo; thatha wonke amabutho, nikhuphukele e-Ayi; bheka, ngiyinikele esandleni sakho inkosi yase-Ayi nabantu bayo, nomuzi wayo nezwe layo.


USimakade wathi kuye: “Ngizokuba nawe, uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi ubulala umuntu oyedwa.”


Ngalobo busuku uSimakade wathi kuye: “Vuka wehlele enkanjini, ngokuba ngiyinikele esandleni sakho.


Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka