Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 10:39 - IsiZulu 2020

39 walidla nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, balichitha ngenkemba, baqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye; njengalokhu ayenzile eHebhroni, naseDebhiri nakuyo inkosi yalo, naseLibhina nakuyo inkosi yalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 walithatha kanye nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, bayichitha ngosiko lwenkemba. Baqothula bonke ababekulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; njengalokho ebenzile kulo iHebroni, wenze njalo kulo iDebiri nakuyo inkosi yalo, njengalokho ebenzile nakulo iLibina nakuyo inkosi yalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Yasithatha kanye lenkosi yayo kanye layo yonke imizi yayo; babatshaya ngosiko lwenkemba, baqalekisa yonke imiphefumulo eyayikulo; akabanga namuntu; njengalokho enze eHebroni, wenze njalo eDebhiri nasenkosini yalo; njengalokho enzile kulo iLibina nenkosi yalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 10:39
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehu wababulala bonke ababesasele bendlu ka-Ahabi eJizreyeli, zonke izikhulu zakhe, abazana naye, nabaphristi bakhe, akwaze kwasala noyedwa kubo.


Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo, abendlu kaJosefa babe yilangabi, kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi, bayakuwashisa, aphele nya; akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu, ngokuba uSimakade usekhulumile.


“USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi, inkosi yaseBhashani nabantu bakhe bonke; sabacekela phansi ngenkemba, akwaze kwasala muntu.


Kwase kukhuphuka uHoramu, inkosi yaseGezeri, ukuzosiza iLakhishi, kepha uJoshuwa wayibulala nabantu bayo, akashiyanga namunye kubo.


Balidla, balichitha ngenkemba, inkosi nayo yonke imizi yalo, nabo bonke abantu ababekulo; akashiyanga namunye, njengalokhu ayenzile e-Egiloni.


UJoshuwa wabuyela nabo bonke abakwa-Israyeli eDebhiri, balihlasela;


UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.


inkosi yaseDebhiri: iyodwa; inkosi yaseGederi: iyodwa;


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


Wambamba ephila u-Agagi inkosi yama-Amaleki, waqotha ngenkemba imbokodo nesisekelo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka