Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 10:26 - IsiZulu 2020

26 Emveni kwalokho uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka ezihlahleni eziyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ngasemuva uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngemva kwalokho uJoshuwa wabanqoba, wababulala, wabaphanyeka emithini emihlanu, balengiswa emithini kwaze kwahlwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 10:26
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.” Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.”


Wabanikela kwabaseGibheyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaSimakade; labo abayisikhombisa bafa kanyekanye. Babulawa ngesikhathi sokuvuna, ngezinsuku zokuqala, kusaqalwa ukuvunwa kwebhali.


Lwaphenywa lolo daba kwatholakala ukuthi luyiqiniso, ngakho-ke laba bathenwa ababili balengiswa esiphanyekweni. Le ndaba yabhalwa phansi emilandweni yenkosi phambi kwayo.


ukuze baziphindiselele ezizweni, bajezise abezizwe.


Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula.


USimakade wathi kuMose: “Thatha bonke abaholi babantu, ubabulalele uSimakade lingakashoni ilanga, ukuze intukuthelo kaSimakade evuthayo isuke ku-Israyeli.”


Abantu bonke baphendula, bathi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”


Ngakho-ke abaJuda, lokhu kwakulusuku lokulungisela, nokuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngenxa yokuba isabatha kwakulusuku olukhulu, bacela kuPilatu ukuba kwephulwe imilenze yababethelweyo, bese besuswa.


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.


UZebha noZalimuna bathi: “Woza usibulale, ngokuba njengoba injalo indoda, anjalo namandla ayo.” Ngakho-ke uGideyoni wasondela wababulala, wathatha imihlobiso eyayisezintanyeni zamakameli abo.


USamuweli wathi: “Njengalokhu inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana njengabanye.” USamuweli wayesemhlahlela u-Agagi phambi kukaSimakade, eGiligali.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka