Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 1:11 - IsiZulu 2020

11 “Dabulani enkanjini, niyale abantu ukuba balungise umphako, ngokuba ezinsukwini ezintathu nizowela iJordani, ukuba ningene, nidle izwe uSimakade aninika lona ukuba libe ngelenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Dabulani phakathi kwekamu,* niyale abantu, nithi: ‘Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani, ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Dlulani phakathi kwempi, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni ukudla; ngoba phakathi kwezinsuku ezintathu lizakudabula leli Jordani ukuze lingene ukulidla ilizwe uJehova uNkulunkulu wenu azalinika lona ukuba ngilidle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 1:11
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.


bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke.


Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe.


Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukuba nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, niyakulidla, nihlale kulo.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.


“Yizwa Israyeli: uzakuwela iJordani namuhla, ungene ukuba wephuce izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,


UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu, ethi:


“Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli.


Sekwedlule izinsuku ezintathu, izinduna zadabula enkanjini,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka