Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJona 1:16 - IsiZulu 2020

16 Amatilosi amesaba kakhulu uSimakade, anikela kuye umhlatshelo, enza nezifungo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Amadoda ayesesaba uJehova ngokwesaba okukhulu; ahlabela uJehova umhlatshelo, enza izithembiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Amadoda ayesesaba uJehova ngokwesaba okukhulu, aletha umhlatshelo kuJehova, enza izithembiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJona 1:16
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu ezoba nami, angivikele kulolu hambo lwami, angiphe ukudla nokokwembatha,


UNowa wakhela uSimakade i-althare, wathatha kuzo zonke izilwane nezinyoni ezihlanzekileyo ngezinhlobo zazo, wenza ngazo umnikelo wokushiswa kulelo althare ayelakhile.


Wayesethi uNahamani: “Uma kungenjalo, inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi emibili womhlabathi, ngokuba inceku yakho ayisayukunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kodwa kuSimakade kuphela.


Ngakho-ke abantu bayamesaba, kodwa akabagqizi qakala abacabanga ukuthi bayizihlakaniphi ezinhliziyweni zabo.”


Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.


Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,


Uma wenza isifungo kuNkulunkulu ungephuzi ukusifeza, ngokuba akazithokozeli iziwula. Sifeze isifungo sakho.


Ebusuku umphefumulo wami uyakulangazelela, ngiyokufunisisa ngomoya ongaphakathi kwami. Ngokuba lapho izehlulelo zakho zisemhlabeni, izakhamuzi zasemhlabeni zifunda ukulunga.


Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


Athi angezwa lokhu amatilosi esaba kakhulu, ayesethi kuye: “Wenzeni na?” (Ambuza kanjalo ngoba ayazi ukuthi ubalekela uSimakade ngoba wayeke wawaxoxela ngaphambilini.)


Amatilosi akhuleka kuSimakade, athi: “Ungasibhubhisi Simakade, ngenxa yale ndoda. Ungasisoli ngokuthi sibulele umuntu ongenacala; siyazi ukuthi Wena unguSimakade, wenza njengokuthanda kwakho.”


Singawufanisa nenhlamvu yesinaphu, ethi incane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni,


Ukwesaba okukhulu kwalehlela lonke ibandla nabo bonke abezwa ngalokho.


Ingelosi kaSimakade yathi kuManowa: “Uma ungilibazisa, angiyukukudla ukudla kwakho, kodwa uma ufuna ukulungisa umhlatshelo wokushiswa, uyakuwunikela kuSimakade.” Kwakungoba uManowa wayengazi ukuthi lona uyingelosi kaSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka