Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJona 1:12 - IsiZulu 2020

12 Waphendula wathi: “Ngiqukuleni, ningiphonse olwandle, khona luzothula, ngokuba ngiyazi ukuthi yimi oyimbangela yalesi siphepho esinihlaseleyo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wathi kubo: “Ngiphakamiseni, ningiphonse elwandle, bese luthula kini ulwandle, ngokuba ngiyazi ukuthi lesi siphepho esikhulu siphezu kwenu ngenxa yami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wathi kubo: “Ngiphakamiseni, ningiphonse olwandle; ukuze ulwandle luzole kini, ngokuba ngiyazi ukuthi lesi siphepho esikhulu siphezu kwenu ngenxa Yami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJona 1:12
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho uDavide eyibona ingelosi eyayibulala abantu, wathi kuSimakade: “Bheka, yimi engonile, ngenza okubi, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”


UDavide wathi kuNkulunkulu: “Akumina yini owayaleza ukuba kubalwe abantu na? Yimi engonileyo, ngenze okubi kakhulu, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho, Simakade Nkulunkulu wami, masijezise mina nendlu kababa, hhayi laba bantu bakho obashaya ngobhubhane.”


Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu abafana nawe, kanjalo nokulunga kwakho kuthinta abanye abantu.


Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kodwa isikhohlakali sisinye sibhubhisa okuhle okuningi.


Ulwandle lwaya ngokuya ludlanga. Amatilosi ambuza athi: “Senzenjani ngawe ukuze ulwandle luthule na?”


Amatilosi azama ukugwedlela ogwini lolwandle kepha awaphumelelanga; isiphepho samelana nawo, ulwandle lwadlanga kakhulu.


futhi aniboni ukuthi kungcono kini ukuba umuntu oyedwa afele abantu, ukuze isizwe sonke singabhubhi.”


yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’


Ngakho-ke u-Israyeli akakwazi ukumelana nezitha zakhe; uyakuzifulathela izitha zakhe ngokuba usezenze into efanele ukubhujiswa. Angisezukuba nani ngaphandle kokuba nizishabalalise lezi zinto eziqalekisiwe eziphakathi kwenu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka