Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 36:7 - IsiZulu 2020

7 Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo, kodwa ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame, kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Akawasusi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha uhlezi kanye namakhosi esihlalweni sobukhosi; yebo, uyazimisa kuze kube phakade, futhi ziphakeme.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 36:7
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Silalele nkosi yami. Wena ungowasebukhosini bukaNkulunkulu phakathi kwethu. Akekho phakathi kwethu ongenqaba nendawo yokungcwaba umkakho.”


Uzokwengamela isigodlo sami, nesizwe sami sonke siyokwenza njengoba usiyala; yimi kuphela ngokwesikhundla sami sobukhosi engizoba mkhulu kunawe.”


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


UMoridekhayi, umJuda, wayengowesibili ngokwesikhundla embusweni wenkosi u-Ahasheveroshi, enamandla phakathi kwabaJuda, iningi labakubo limthanda, ngokuba wayesebenzela inhlalakahle yabantu bakubo, elwela ukuphatheka kahle kwazo zonke izizukulwane zabo.


Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.


Uma bekwehlisa isithunzi, uyakuthi: ‘Kungukuphakanyiswa!’ ngokuba uyamsindisa ozithobayo.


Ngabe akaziboni yini izindlela zami, azibale zonke izinyathelo zami na?


Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wabhujiswa engenacala na? Babhujiswa kuphi abalungileyo na?


USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


ukuze aphakamise abaphansi, aphakamisele phezulu, endaweni ephephileyo, abakhalayo.


Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.


Impela iso likaSimakade liphezu kwalabo abamesabayo, kulabo abethembela emseni wakhe,


Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.


Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi, ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Mina uyakungigcina ngiqotho, ungihlalise ebukhoneni bakho kuze kube phakade.


Ngiyomqinisa njengesikhonkwane endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sokuhlonipheka endlini kayise.


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”


Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka