Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 33:12 - IsiZulu 2020

12 “Kulokhu awukhulumanga kahle. Ngizokuphendula, uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho, ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bheka, kulokhu awulungile; ngiyakuphendula ngithi uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 33:12
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sekwenzekile konke lokhu uJobe akazange one, akamthelanga ngehlazo uNkulunkulu.


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.


“Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?


Isilinganiso sakho side kunomhlaba, sibanzi kunolwandle.


Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”


Nami sengizophendula, ngibeke olwami uvo.


Ngokuba uNkulunkulu akadingi ukuba amphenyisise umuntu ukuze eze phambi kwakhe ekwehlulelweni.


“Ucabanga ukuthi lokhu kulungile yini na? Uthi: ‘Mina ngilungile phambi kukaNkulunkulu,’


“Ngizoniphendula mina, wena nabangani bakho.


“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda.


“Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”


Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?


Impela emhlabeni akekho umuntu owenza okulungile kodwa, ongoni ngalutho.


“Ngingenzi yini kini ndlu ka-Israyeli njengoba umbumbi enza na?” kusho uSimakade. “Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami, nina ndlu ka-Israyeli.


“Kepha nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilungile.’ Ake nizwe nina ndlu yakwa-Israyeli: indlela yami ayilungile yini na? Akusizo yini izindlela zenu ezingalungile na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka