Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 32:13 - IsiZulu 2020

13 Maningasho ukuthi: ‘Sikutholile ukuhlakanipha, uNkulunkulu angamehlula, hhayi umuntu.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Maningasho ukuthi: ‘Sifumene ukuhlakanipha; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ningasho ukuthi: “Sifumene ukuhlakanipha; uNkulunkulu wamwisa, hhayi umuntu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 32:13
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngathi ngeke ngamukele lutho lwakho, ngisho umucwana womchilo wembadada, ukuze ungangijikeli bese uthi: ‘Yimi engimnothisile u-Abhrama.’


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”


“Akuthandabuzwa ukuthi yini nodwa abantu, nokuhlakanipha kuyofa nani.


Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.


yazini-ke ukuthi nguNkulunkulu owenze okubi kimi, wangigubuzela ngenetha lakhe.


Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


makumile ameva esikhundleni sikakolo, nokhula endaweni yebhali.” Aphela lapha amazwi kaJobe.


Nginilalele ngesineke, bhekani, akukho noyedwa phakathi kwenu omthethisile uJobe, nowaphendulile amazwi akhe.


Amazwi akhe akawaqondisanga kimi, angizukumphendula ngokushiwo yinina.


Ngokuphephetha kukaNkulunkulu bayabhubha, ngomoya wentukuthelo yakhe, bayashabalala.


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.


ngazimemezela kini kwasemandulo zingakenzeki, ngazizwakalisa, ningaze nithi: ‘Yisithombe sami esizenzile, isithombe sami esibaziweyo, nesithombe sami esibunjiweyo, esiyalezile.’


Kudalwe manje, hhayi emandulo; awukaze uzwe ngakho ngaphambi kwalolu suku, funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’


Maye kulabo abazibona behlakaniphile, nabazibona benokuqonda!


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


Wena uhlakaniphile kunoDaniyeli, ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;


“USimakade uyakuhlenga amathende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu kaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungabi lukhulu phezu kukaJuda.


UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”


Makungabi bikho ozikhohlisayo: uma kukhona umuntu phakathi kwenu othi uhlakaniphile kulesi sikhathi, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


USimakade wathi kuGideyoni: “Amabutho anawe maningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sawo, funa u-Israyeli athathe udumo kungabi ngolwami, ethi: ‘Isandla sami singisindisile.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka