Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 19:13 - IsiZulu 2020

13 “Uqhelisele kude abafowethu, abazana nami bangihlubuka impela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Udedisile kimi abafowethu, nabazana nami sebahlukene impela nami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Udedisile abafowethu kimi, labazana lami sebahlukanisiwe lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 19:13
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abangani bami bayangiklolodela, iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu,


Nokho manje uNkulunkulu ungikhathazile, yonke indlu yami uyenze incithakalo.


Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.


Abafowethu bambuluzile njengomfudlana, nanjengemithonjana eshayo,


Zadumala, ngoba zazinokuzethemba, lapho sezifike khona zadangala,


Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela.


Sebengikhohliwe ezinhliziyweni zabo, senginjengomuntu ofileyo, nesitsha esephukileyo.


Abangani nezihlobo zami bangihlubukile ngenxa yokuhlupheka engikukho, omakhelwane bami bahambela kude nami.


Abaqamekela ukuphila kwami bayangicupha, abafuna ukungenzakalisa bakhuluma kabi ngami, bazindla okubi ngami usuku lonke.


Ngisho nomhlobo wami ebengimethemba, ngimupha ukudla kwami, usengiphendukele.


Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.


Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame.


Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.


Ubaxoshele kude isihlobo nomngani, ubumnyama yibona obungumhlobo wami.


Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.


“Izithandwa zami ngazibiza, zona zangikhohlisa. Abaphristi namalunga ami bafele emzini, bezama ukufuna ukudla ukuze basimamise ukuphila kwabo.


Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.


Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka.


Ekuziphenduleleni kwami kokuqala, kwakungekho noyedwa owayengakimi, kodwa bonke bangihlamuka; sengathi lokho kungebalelwe kubo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka