Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 17:4 - IsiZulu 2020

4 Ngokuba uzivalile izingqondo zabo, ukuze zingaqondi, ngakho-ke awuyukubaphakamisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba uvalile izinhliziyo zabo zingaqondi; ngalokho awuyikubaphakamisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba uyithumbile inhliziyo yabo ekuqondeni; ngalokho akumelwe ubaphakamise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 17:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”


U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Ngabe sikubeke umeluleki wenkosi na? Yeka, ufunelani ukubulawa na?” Umphrofethi wayeka, wayesethi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqume ukukubhubhisa ngokuba wenze lokho, awusilalelanga iseluleko sami.”


Uyazithulisa izindebe zabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.


Okhaphela abangani bakhe ngenxa yesabelo; amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.


USimakade uthelile phakathi kwalo umoya wokudideka, balenze iGibhithe ladiyazela kukho konke elikwenzayo, njengesidakwa sididizela ebuhlanzweni baso.


Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.


njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo obunzulu, namehlo okungaboni, nezindlebe ezingezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.”


Siphelelephi isazi na? Sikuphi isazimthetho na? Uphi oqophisana ngamazwi wakulesi sikhathi na? UNkulunkulu akakwenzanga yini kwaba wubuwula ukuhlakanipha kwakuleli lizwe na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka