Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 15:25 - IsiZulu 2020

25 ngokuba waphonsela uNkulunkulu inselelo, wazigabisa kuSomandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 ngokuba waselulela isandla sakhe kuNkulunkulu, wazigabisa kuSomandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngokuba welulela isandla sakhe kuNkulunkulu, aziqinise ngokumelene noMninimandla onke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 15:25
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

bese ubhokela uNkulunkulu ngolaka, ukhulume amazwi anje ngomlomo wakho na?


Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa, kumkhungatha njengenkosi ezilungiselele ukuya empini,


Wamelana naye ngeqholo, ethembele emahawini akhe aqinileyo,


lapho uyababonisa izenzo zabo neziphambeko zabo ukuthi baziphakamisile.


Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?


“Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”


Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani? Imbala kukhona yini ukwazi koPhezukonke na?”


Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini, ulimi lwabo luhamba emhlabeni.


Usaziphakamisa, awufuni ukuvumela abantu bami ukuba bahambe na?


Angisithukutheleli. Uma singivezela ameva namakhakhasi, ngizolwa nawo ngiwashise.


“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’


Uyakuthi-ke kuJehoyakimi, inkosi yakwaJuda: ‘Usho kanje uSimakade uthi: uwushisile lo mqulu, uthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBhabhele izofika nokufika izobhubhisa leli lizwe, yenze ukuba kungabe kusaba nabantu nezilwane kulo na?”


“Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuSimakade; uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe yinhlekisa futhi.


Ngakucupha, wabanjwa, Bhabhele, ungakazi ngalokho; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.


Kepha lapho ezikhukhumeza enhliziyweni yakhe, nomoya wakhe uba lukhuni esezidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


“ ‘Uma phezu kwazo zonke izinto enginishaye ngazo ningaphendukanga, kodwa nahamba nimelene nami,


“Amazwi enu angigxekile,” kusho uSimakade. “Kodwa niyabuza nithi: ‘Sikhulume sathini ngawe na?’


Ngaleso sikhathi uHerode inkosi welula isandla sakhe ukuba ahluphe abathile bebandla.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Kepha wathi: “Ungubani, Nkosi?” Wayesethi: “NginguJesu omhluphayo.


Nizenzeleni lukhuni izinhliziyo zenu, njengoba kwenza abaseGibhithe noFaro, abazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebashaye kanzima, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka