Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 15:23 - IsiZulu 2020

23 Uhamba ezulazula, efuna ukudla, athi: kuphi na? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selusesandleni sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Uyazulazulela ukudla: kuphi na? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wazulazula efuna isinkwa, wathi: “Kuphi na?” uyazi ukuthi usuku lobumnyama selusondele esandleni sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 15:23
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma ulima, umhlabathi awuyikukunika sivuno; uzoba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”


Akethembi ukuthi uyobuya ebumnyameni, ulindelwe yinkemba.


Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa, kumkhungatha njengenkosi ezilungiselele ukuya empini,


Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.


Inhlupheko isilambele, nenhlekelele isilindele lapho sikhubeka.


Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni.


Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze, bacele bekude nezindawo zabo eseziyincithakalo.


Zehla zenyuka zifuna ukudla; uma zingasuthi, ziyagwavuma.


Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngithabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami nesiphephelo sami ngosuku lokuhlupheka kwami.


USimakade akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha ababi ubayeka babulawe yindlala.


USimakade unenjongo ngakho konke akwenzayo, yebo, nomubi umenzele usuku lokuhlupheka.


Noma umuntu angaphila iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, nokho makakhumbule ukuthi izinsuku zobumnyama zizoba ziningi. Konke okuzayo kuyize.


Sizinikele kwabaseGibhithe nakwabase-Asiriya, ukuze sithole isinkwa, sisuthe.


Uma sifuna ukuthola ukudla, sibeka impilo yethu engcupheni yokudliwa yinkemba ogwadule.


Usuku lobumnyama nesigayegaye, usuku lwamafu nobumnyama obukhulu, njengentathakusa yendlaleka ezintabeni, kunjalo nokuza kwezinkumbi zabantu abanamandla abangakaze babekhona kwasemandulo, nabangasoze babakhona abanjalo emva kwabo kuze kube yiminyaka yezizukulwane ngezizukulwane.


Ngabe usuku lukaSimakade lungubumnyama, hhayi ukukhanya, luyisigayegaye esingenakho ukukhanya na?


Lolo lusuku, usuku lolaka, usuku lokuhlupheka nosizi, usuku lomonakalo nencithakalo, usuku lobumnyama nethunzi elibi, usuku lwamafu nesigayegaye,


kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka