Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 12:4 - IsiZulu 2020

4 Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyisigcono somngane wami, ngowambiza uNkulunkulu, waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nginjengomuntu oyinhlekisa kumakhelwane wakhe, obiza uNkulunkulu, amphendule; olungileyo oqotho uyahlekwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 12:4
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukuqavitha kwakho kufanele kubathulise yini abantu na? Nalapho ukloloda, akekho yini ongakuthela ngehlazo na?


Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.


Bhekani-ke, sengizilungiselele ukwethula udaba lwami, futhi ngiyazi ukuthi icala lizongithetha.


Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela, bangishaya esihlathini, bengigcona, bayangihlanganyela.


Abangani bami bayangiklolodela, iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu,


Impela kukhona abangiklolodelayo eduze kwami, neso lami lihleli ekungichukuluzeni kwabo.


Ungenze isiga ebantwini, nokhafulelwa ebusweni.


Ngibekezeleleni, ngizakukhuluma, ningangiklolodela-ke lapho sengiqedile ukukhuluma.


“Manje sengihlekwa ngabancane kunami ngeminyaka, oyise engangingeke ngibabeke phakathi kwezinja ezelusa izimvu zami.


“Manje sengiphenduke ingoma yabo yokubhinqa, impela sengiyisaga sabo.


Ngumuphi umuntu onjengoJobe, ophuza ukungcofwa njengamanzi,


Ake niphenduke, kungabi bikho owenza ukungalungi. Phendukani, indaba yami ilungile.


Ngimsulwa, kodwa angizazi, ngiyakuzonda ukuphila kwami.


Njengabantelayo abangakholwa, bangigedlela amazinyo.


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.


Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


Mina ngiyakubheka uSimakade, ngilindele uNkulunkulu oyakungisindisa; uNkulunkulu wami uyakungizwa.


eluka umqhele wameva, awufaka ekhanda, amphathisa umhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”


wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazane ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.


Bamhleka usulu. Kepha esebakhiphile bonke ababesendlini, wathatha uyise nonina womntwana nababenaye, wangena nabo lapho umntwana ayekhona.


Kuthe abaFarisi ababethanda imali, bangakuzwa konke lokho, bamedelela.


Kwathi lapho bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kodwa abanye bathi: “Siyophinde sikulalele ngalolu daba.”


abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka