Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 8:8 - IsiZulu 2020

8 “ ‘Ningakusho kanjani ukuthi: “ ‘Sihlakaniphile, nomthetho kaSimakade ukithi na? “ ‘Impela, usiba lwababhali bamanga, luloba amanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “ ‘Ningasho kanjani, nithi: “Sihlakaniphile, umthetho kaJehova unathi,” na? Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhali lusebenzile okwamanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Nisho kanjani ukuthi: ‘Sihlakaniphile, nomthetho kaJehova unathi? Bheka, wakwenza ize; usiba lwababhali luyize.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 8:8
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.


Uyazithulisa izindebe zabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.


Uzwakalisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezehlulelo zakhe, ku-Israyeli.


Abazukulu bangumqhele wabadala, abazali bayigugu kubantwana.


Ukhokho wakho wokuqala wona, nabakukhulumelayo baphambukile kimi.


Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”


“ ‘Ngiyakuliphunzisa icebo likaJuda neJerusalema kule ndawo, ngibaqumbe phansi ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo. Izidumbu zabo ziyokuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


Abaphristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade na?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaphrofethi baphrofetha ngoBhali, balandela okungenakusiza.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


“Ningasho kanjani, nithi: ‘Singamaqhawe namabutho anamandla okulwa na?’


Noma ngimlobele okuningi komthetho wami, kodwa lokho bakubona njengento abayeshwamayo.


akusadingeki ukuba ahloniphe uyise; kanjalo-ke nilenza libe yize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu.


UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha lokhu nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sikinina.”


Bezitshela ukuthi bahlakaniphile, baba yiziwula,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka