Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 47:3 - IsiZulu 2020

3 Ngomsindo wokugabadula kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, ngobukhehlekhehle bezinqola zakhe, nangomsindo wamasondo akhe; oyise ababheki emuva kubantwana, ngenxa yobuntekenteke bezandla zabo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, nangokuduma kwezinqola zakhe, nangodumo lwamasondo akhe oyise ababheki emuva kubantwana ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngenxa yomsindo wokunyathela kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, nokuduma kwezinqola zakhe, nokuduma kwamasondo akhe, oyise abayikubheka emuva kubantwana babo ngenxa yezandla ezibuthakathaka;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 47:3
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

abamicibisholo iloliwe, neminsalo yabo yonke insaliwe; izinyawo zamahhashi abo ziyakufaniswa nezensengetshe; namasondo abo, njengesivunguvungu.


Khuphukani, mahhashi, nibhembuluke zinqola, mawaphume amaqhawe: uKhushe noPhuthi babambe izihlangu, namaLudi abambe umnsalo.


Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa; umsindo wabo uzwakala njengokuduma kolwandle; bagibele amahhashi, bahlelwe njengamabutho eyohlasela indodakazi yaseBhabhele.


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani; umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla kuthuthumelise lonke izwe, ngokuba asefikile, aliqothula izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhileyo kuwo.”


bayakuza kuwe bakuthelekele ngezikhali, izinqola, okunamasondo, nesixuku sabantu, bayakukuvimbezela nxazonke ngamahawu nezihlangu, nezigqoko zempi. Ngiyakubanika igunya lokwehlulela, bayakukwehlulela ngezehlulelo zabo.


Izinqola zenza njengezinhlanya emigwaqweni, zigijima ziya le nale; ukubonakala kwazo kunjengezibani, zigijima ziphambana njengemibani.


Kepha iNineve lifana nechibi lamanzi kusukela ezinsukwini zalo, nokho bayabaleka. Yimani, yimani! Kodwa akukho namunye ophendukayo.


Sasinezivikelo zezifuba ezinjengezivikelo ezenziwe ngensimbi, umsindo wamaphiko aso wawufana nomdumo wezinqola zamahhashi amaningi egijima eqonde empini.


Kwezwakala umsindo wezinselo zamahhashi zigabadula, zigabadula izinjomane ezinamandla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka