Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 4:9 - IsiZulu 2020

9 “Kuyakuthi ngalolo lusuku,” kusho uSimakade, “inhliziyo yenkosi idangale nezinhliziyo zezikhulu; abaphristi bayakumangala, abaphrofethi bathuthumele.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “inhliziyo yenkosi iphele kanye nezinhliziyo zezikhulu; abapristi bayakumangala, abaprofethi bethuke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngalolo suku, usho uJehova, inhliziyo yenkosi nenhliziyo yezikhulu kuyakubhubha; futhi abapristi bayomangala, futhi abaprofethi bayomangala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 4:9
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wonke amabutho awufohla umuzi ngalobo busuku, abaleka ngendlela yesango elaliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, amabutho ahamba ngendlela ese-Araba.


Umphefumulo wami udangele, wabunisa okotshani, inhliziyo yami imnyama, ukudla akusangeni.


Ngalolo lusuku abaseGibhithe bayofana nabesifazane, bathuthumele ngukwesaba, ngenxa yesandla sikaSimakade Wamabandla esimelene nabo.


AbaseGibhithe bayokhanywa baphele umoya, ngizowabhuntshisa amacebo abo. Bayofuna, bahlole konkulunkulu mbumbulu, nasemimoyeni yabafileyo, nasemadlozini, nakubathakathi.


Njalo lapho sedlula siyonibamba. Siyodabula njalo ekuseni, nasemini nasebusuku.” Kuyokwesabeka kakhulu ukuqondwa kombiko.


“Njengesela linxothoza lapho selibanjiwe, iyakuba njalo nendlu yakwa-Israyeli; iyokuba namahloni, yona namakhosi ayo, izikhulu zabo, abaphristi babo, nabaphrofethi babo


Hhewulani, nina belusi, nikhihle isililo, nizibhuqabhuqe emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba sezifikile izinsuku zokuhlatshwa nokuhlakazwa kwenu, nizakuwa njengesitsha esihle.


Baphi manje abaphrofethi benu ababephrofetha, bethi: ‘Inkosi yaseBhabhele ayizukukuhlasela wena naleli lizwe na?’


Imizi iyakudliwa, nezinqaba zithathwe. Ngalolo lusuku, izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


Izingange zomuzi zabhodlozwa. Wonke amabutho abaleka, aphulukundlela emzini ebusuku, aphuma ngendlela esesangweni eliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, nokho amabutho ahamba ngendlela eya e-Arabha.


“ ‘Bonani nina zideleli nimangale, nibhubhe, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi eningayukuwukholwa ngisho noma kungakhona onilandisa ngawo.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka