Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 4:15 - IsiZulu 2020

15 Ngokuba izwi liyamemezela, liphuma kwaDani; limemezela inhlekelele ivela kwelezintaba kwa-Efrayimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani; lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwa-Efrayimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngoba ilizwi liyamemeza livela kwaDani, limemezela usizi livela entabeni yakoEfrayimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 4:15
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”


Izwi lombiko liyasondela, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni enyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo ehlala amakhanka.


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani; umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla kuthuthumelise lonke izwe, ngokuba asefikile, aliqothula izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhileyo kuwo.”


UJoshuwa wathi kubo: “Uma ningabantu abaningi, khuphukelani ehlathini nizicabele indawo ezweni lamaPherizi namaRefa, ngokuba elezintaba kwa-Efrayimi lincane kakhulu kini.”


Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.


Bawubiza ngokuthi kukwaDani, bawubiza ngegama likakhokho wabo uDani, owayezalwa ngu-Israyeli; umuzi owawubizwa phambilini ngokuthi yiLayishi.


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka