Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 34:10 - IsiZulu 2020

10 Zonke izikhulu, nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumelane, balalela, kwaba yilowo nalowo wakhulula isigqila sakhe nesigqilakazi sakhe, ukuba sihambe sikhululekile; kungabe kusaba khona ogqilazayo, balalela, bazikhulula, zahamba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Zalalela zonke izikhulu, nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumele, kube yilowo nalowo isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, ukuba zihambe, zikhululeke, kungabe kusaba khona okhonzisayo; bezwa, bavuma ukuba bahambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lapho zonke izikhulu nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni bezwa ukuthi, kwaba yilowo nalowo kwakumelwe adedele inceku yakhe nencekukazi yakhe ukuba ihambe, ukuze bangabe besabakhonza, balalela bahambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 34:10
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

uma uthenga isigqila somHebheru, masikusebenzele iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa siyakuhamba singesikhululekileyo, singakhokhi lutho.


INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Lapho izikhulu zakwaJuda zizwa lezi zinto, zakhuphuka zisuka esigodlweni senkosi, zaya endlini kaSimakade, zahlala ngasekungeneni kwesango lendlu kaSimakade elisha.


Izikhulu nabo bonke abantu bathi kubaphristi nabaphrofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


Kepha emveni kwalokho bashaya ingwijikhwebu, bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zikhululeke, bazigqilaza, zaba futhi yizigqila nezigqilakazi.


ngisho izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, abathenwa, abaphristi, nabo bonke abantu bezwe abebedlule phakathi kwezinhlangothi zethole.


wayesehlela esigodlweni senkosi, ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhleli khona zonke izikhulu: u-Elishamu umbhali, uDelaya indodana kaShemaya, u-Elinathani indodana ka-Akhibhori, uGemariya indodana kaShafani, uZedekiya indodana kaHananiya, nazo zonke izikhulu.


Izikhulu zathi enkosini: “Lo muntu makabulawe, ngoba uthena amabutho asasele kulo muzi nabantu bonke amandla, ngokukhuluma kubo lawa mazwi anje, ngokuba lo muntu akafuni inhlalakahle yalaba bantu, kodwa okubi kuphela.”


Unyaka wama-50 niyakuwungcwelisa, nimemezele ukukhululeka kwazo zonke izakhamuzi. Kuyakuba ngunyaka wejubhili kini, niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe, yilowo nalowo abuyele emndenini wakubo.


UHerode wayemesaba uJohane, emazi ukuthi uyindoda elungileyo, engcwele, futhi wayemvikela. Lapho uHerode emlalela uJohane wayesala ekhathazekile kakhulu, nokho wayethanda ukumlalela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka