Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 30:5 - IsiZulu 2020

5 “Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokwesaba, nelengebhe futhi akukho ukuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba kungengelokuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba, kungengelokuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 30:5
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalolo lusuku bayogwavuma phezu kwabo, njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, kuyobe kunesigayegaye sobumnyama, ukukhanya kuphenduke ubumnyama ngenxa yamafu.


Sonke sigwavuma njengamabhele, siyakhala nokukhala njengamajuba; silindela ukwehlulela, kodwa akukho, nokusindiswa, kodwa kukude nathi.


Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.


Bheka, izwi lokukhala kwabelusi, nokuhhewula kwezikhulu zomhlambi ngokuba uSimakade ubhubhisa idlelo labo.


Nanka amazwi uSimakade awakhuluma ngo-Israyeli nangoJuda.


Kepha ngiboneni na? Bayathuthumela, babuyela emuva. Amaqhawe abo ayakunqotshwa, ayabaleka nokubaleka, awasabheki emuva; kukhona ukwesaba nxazonke,” kusho uSimakade.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Kuzakufika abantu bevela ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani; umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla kuthuthumelise lonke izwe, ngokuba asefikile, aliqothula izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhileyo kuwo.”


Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami, livela ezweni elikude, lithi: “USimakade akekho yini eZiyoni na? Inkosi yalo ayikho yini kulo na?” “Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo, nangokuyize kwabezizwe na?”


Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”


“Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala, namaculo enu wonke abe yisililo, ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu ngendwangu eyisaka, ngenze amakhanda abe zimpandla, kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwalokho kuyakufana nosuku olunomunyu.”


Siklolodela amakhosi, ababusi bayinhlekisa kuso; sihleka zonke izinqaba, senze izindunduma ngomhlabathi, sidle izinqaba.


Ngokuba niyabona-ke, sengizakuvusa amaKhaledi, isizwe esinonya nesidlovayo, esidabula ebubanzini bomhlaba siyodla izindawo zokuhlala okungesizo ezaso.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka