Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 30:2 - IsiZulu 2020

2 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini, wonke amazwi engiwakhulume kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zilobele encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 30:2
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wathi kuMose: “Kulobe lokhu encwadini kube yisikhumbuzo, ukutshele uJoshuwa ngokuba ngizowabhubhisa aphele nya ama-Amaleki phansi kwezulu, angabe esakhunjulwa nhlobo.”


Hamba manje, ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuze kuthi ngesikhathi esizayo kube ngubufakazi baphakade.


USimakade wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu, uthi Mahere Shalali Hashi Bhazi.


Ngiyakwehlisela phezu kwalelo lizwe wonke amazwi ami engiwakhulume kulo, konke okulotshwe kule ncwadi, uJeremiya akuphrofethile ngazo zonke izizwe.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, lithi:


“Phinda, uthathe omunye umqulu, ubhale kuwo wonke amazwi ayesemqulwini wokuqala oshiswe nguJehoyakimi, inkosi yakwaJuda.


UJeremiya wayesethatha omunye umqulu, wawunika uBharukhi umbhali, indodana kaNeriya, waloba kuwo wonke amazwi encwadi akhulunywa nguJeremiya, wonke amazwi omqulu uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ayewushise emlilweni. Kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawakuqala.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise umqulu kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kuyokuba kuningi.”


Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.


Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina.


“Ngalokho, zilobeleni leli hubo, nilifundise abantu bakwa-Israyeli, libekeni emilonyeni yabo ukuze leli culo libe kimi ngubufakazi kubantu bakwa-Israyeli.


Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”


“Ngakho-ke loba lokhu okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emuva kwalokho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka