Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 3:5 - IsiZulu 2020

5 Uyakuhlala uthukuthele njalonjalo na? Uyoyigcina intukuthelo kuze kube phakade na? Yiyona ndlela okhulume ngayo, kodwa wenza okubi, waphumelela ukukwenza.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo, ayigcine kuze kube nini na?’ Bheka, ukhuluma kanjalo; uyenza okubi, uyaphumelela.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uyakugcina intukuthelo yakhe kuze kube phakade na? uyohlala kuze kube sekupheleni? Bheka, ukhulumile futhi wenza okubi njengoba ubungakwenza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 3:5
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje kusenhliziyweni yami ukuba ngenze isivumelwano noSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze ulaka lwakhe lusuke kithi.


Uzohlala usithukuthelele yini na? Ulaka lwakho ulwedlulisele phezu kwezizukulwane ngezizukulwane na?


Awuzukusivusa yini, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na?


Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.


Simakade, ungathukutheli kakhulu, ungazikhumbuli iziphambeko zethu kuze kube phakade. Sonke phela singabantu bakho.


Hamba umemezele lawa mazwi enyakatho, uthi: “ ‘Buya wena Israyeli ohlubukayo,’ kusho uSimakade; ‘angizukunibheka nginyukubele, ngokuba nginomusa,’ kusho uSimakade; ‘Angiyukuthukuthela kuze kube phakade.


Pho kungani laba bantu baseJerusalema bephendukile, bahlubuka njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, benqaba ukubuya.


Ngiqaphelisisile, ngezwa; abalikhulumi iqiniso; akekho ophendukayo ebubini bakhe, ethi: “Ngikwenzeleni lokhu na?” Bonke bazihambela ezindleleni zabo, njengamahhashi ephulukundlela empini.


“ ‘ “Bheka nje, yileso naleso sikhulu sakwa-Israyeli esasihlala kuwe, senza ngokusemandleni aso ukuba sichithe igazi.


Maye, kulabo abaceba okubi, labo abahlela ukwenza ububi besemibhedeni yabo, kuthi ekuthatheni kokusa bakwenze! Ngokuba kusemandleni ezandla zabo ukwenza lokho.


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka