Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 3:2 - IsiZulu 2020

2 “Phakamisela amehlo akho emadulini angamaqwaqwasi, ubone, kukuphi lapho ongazinikelanga kwalalwa khona nawe na? Ubahlalele ngasezindleleni, ubufana nomArabhi ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Phakamisela amehlo akho emadulini angenalutho, ubone; kuphi lapho ongalalwanga khona na? Ngasezindleleni ubahlalele njengomArabiya ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Phakamisela amehlo akho ezindaweni eziphakemeyo, ubone lapho ongazange ube namanga khona. Wahlala phansi ngenxa yabo ezindleleni njengomArabiya ehlane; futhi ulingcolisile izwe ngobufebe bakho nangobubi bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 3:2
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesekhumula inzilo, wazemboza ngemvakazi, wahlala phansi ngasesangweni e-Enayimi, ngasemgwaqweni oya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, kodwa wayenganikelwe kuye ukuba abe ngumkakhe.


USolomoni wayenabafazi abangamadodakazi amakhosi abangama-700, nezancinza ezingama-300. Amakhosikazi akhe ayiphambukisa inhliziyo yakhe.


Inkosi yangcolisa izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene sentaba Yokonakala, inkosi uSolomoni yakwa-Israyeli eyayizakhele u-Ashitharothi isinengiso samaSidoni, noKhemoshi isinengiso sabakwaMowabi noMilikhomu isinengiso sabakwa-Amoni.


Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo, abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.


Ucutha njengomphangi, andise inani labantu abambuluzayo.


Uyaphishaphisheka akanakuthula; izinyawo zakhe azivumi ukuhlala endlini yakhe,


Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


“Ungakusho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angibalandelanga oBhali,’ na? Bheka ukuziphatha kwakho esigodini, ubone ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.


Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.


Izwi liyezwakala emadulini angamaqwaqwasi, likhala, linxusela abantu bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bamkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wabo.


Ngenxa yokuba wayengenamahloni ngokufeba kwakhe, walingcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla.


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, ukhihle isililo emagqumeni aphakemeyo angamaqwaqwasi, ngokuba uSimakade ukwalile, usilahlile isizukulwane sentukuthelo yakhe.


Wathatha ezinye zezingubo zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezikhangayo, wafebela kuzo, okungakaze kwenzeke futhi okungasoze kwenzeka nanini.


ngesikhathi sengibangenise ezweni engangifungile ukuthi ngiyobanika lona. Kwathi lapho bebona amagquma aphakemeyo nazo zonke izihlahla ezinamacembe, base benikela lapho ngemihlatshelo yabo, bangichukuluza ngeminikelo yabo, benza lapho kwaba nephunga elimnandi, bathululela lapho iminikelo yokuphuzwayo.


Unina wazifebela, wabakhulelwa ngokwenza ihlazo, ngokuba wathi ngizakuhamba ngilandele izithandwa zami, ezingipha isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuzwayo kwami.


Kuthe sesisendaweni yabafileyo sisezinhlungwini, saphakamisa amehlo aso, sabona u-Abhrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.


niyobhubhisa nishaye icole zonke izindawo lapho izizwe eniyakuziphuca izwe zazikhonza khona onkulunkulu bazo, ezintabeni eziphakemeyo, emagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka