Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 27:11 - IsiZulu 2020

11 Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBhabhele, siyikhonze; leso sizwe ngiyakusiyeka ezweni laso, sililime, sihlale kulo, kusho uSimakade.” ’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.” ’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kepha izizwe ezifaka izintamo zazo ngaphansi kwejoka lenkosi yaseBabele ziyikhonze, ngiyakuzithulisa ezweni lazo,” usho uJehova; futhi kumelwe balime futhi bahlale kulo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 27:11
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ozosala kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane; kodwa ozophuma azinikele kumaKhaledi anivimbezeleyo, uyakuphila, aphunyuke nokuphila kwakhe.


Ngakhuluma amazwi afanayo enkosini yakwaJuda, uZedekiya, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBhabhele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.


usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Zenzele izintambo namajoka, ukubeke entanyeni yakho,


Kuyakuthi isizwe nombuso okungayukumkhonza uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, okungayibekanga intamo yakho phansi kwejoka lakhe, leso sizwe ngiyosijezisa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, ngisiqede ngesandla sakhe, kusho uSimakade.


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, kodwa ozophuma aye kumaKhaledi, uyakuphila; nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’


“ ‘ “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: kuyakuthi lapho sengibaqoqa abendlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazelwe kuzo, ngizibonakalise ngingcwele kubo, nasemehlweni ezizwe. Bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami, uJakobe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka