Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 26:3 - IsiZulu 2020

3 Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi; nami ngiyakuguquka ngingabehliseli inhlekelele ebengizobehlisela yona, ngenxa yobubi bezenzo zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngibuye kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uma kunjalo, bayolalela, futhi yilowo nalowo aphenduke endleleni yakhe embi, ukuze ngiphenduke ebubini engihlose ukubenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 26:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.


“Ubonile yini ukuthi u-Ahabi uzithobile phambi kwami, na? Ngenxa yokuba ezithobile phambi kwami, okubi angiyukukwehlisa emihleni yakhe, kodwa ngiyokwehlisa emihleni yendodana yakhe.”


Ngakho-ke lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ukuze uSimakade ayeke ukunehlisela inhlekele akhulume ngayo kini.


“Kambe uHezekiya, inkosi yakwaJuda noJuda wonke, bambulala yini uMikha na? Abesabanga yini uSimakade, bamncenga uSimakade, Yena wayiyeka inhlekelele ayekhulume ngayo kubo na? Pho, thina sesizakwehlisela phezu kwethu ububi obukhulu kangaka na?”


Mhlawumbe indlu kaJuda iyakuzwa konke okubi engihlela ukukwenza kubo, ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, bese ngibathethelela ububi babo nezono zabo.”


Mhlawumbe ukunxusa kwabo kungase kufike phambi kukaSimakade, baphenduke, yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nolaka uSimakade akhulume ngakho kulaba bantu.”


“Wena ndodana yomuntu, bopha umthwalo wakho ulungele ukuya ekuthunjweni, uzohamba uye ekuthunjweni emini kwabha, bekubuka. Suka endaweni ohlala kuyo, bebuka, uye kwenye indawo. Mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.


“Kepha uma omubi ephenduka kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ubulungiswa nokulunga, uyakuphila nokuphila, akayukufa.


Ngeke ngisaqhubeka nolaka lwami oluvuthayo, noma ngibhubhise u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu, ngingongcwele phakathi kwenu, angiyukufika ngolaka.


Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na?


Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka