Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 24:9 - IsiZulu 2020

9 Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngiyakubanikela ukuba banyakaze emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yobubi babo, isihlamba nesaga, inhlekisa nesiqalekiso, ezindaweni zonke engiyobaxosha kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 24:9
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu.


ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla, isuke phambi kwami, ngiyenze isaga nesifengqo phakathi kwabantu bonke.


Isaka ngalenza isembatho sami, ngaba yisaga kubo.


Ngakho-ke ngizingcolisile izikhulu zendlu engcwele; uJakobe ngizakumnikela ukuba achithwe, no-Israyeli ukuba abe yisithuko.”


Niyakulishiya igama lenu, libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uSimakade iyonibulala, ibize izinceku zayo ngelinye igama.


Ngiyakubenza babe yinto engafunwa emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yalokho okwenziwa nguManase, indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, eJerusalema.


Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


iJerusalema, imizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikubhubhise kube yincithakalo, into enximfelwayo neqalekisiweyo, njengoba kunjalo namuhla.


ngiyakuyenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiwenze ube yisiqalekiso, kuzo zonke izizwe zomhlaba.’ ”


Ngiyakubalandela ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, ngibenze into esabisayo emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, incithakalo, into enximfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


Ngenxa yabo, bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBhabhele bayakusebenzisa lesi siqalekiso, esithi: ‘USimakade makakwenze ukuba ube njengoZedekiya no-Ahabi, abosiwa emlilweni yinkosi yaseBhabhele,’


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nolaka lwami kwathululelwa phezu kwababakhe eJerusalema, ngizothululela ulaka lwami kini uma niya eGibhithe. Niyokuba yisithuko nento esabekayo, isiqalekiso nehlazo, ngeke neze nisayibona le ndawo.’


Ngiyakuyishabalalisa insali yakwaJuda, eqoke ukuya eGibhithe ukuyogogobala khona, bonke bayofela eGibhithe, babulawe yinkemba nendlala; kanjalo abancane nabadala, bayobulawa yinkemba nendlala, babe yisithuko, into esabekayo, isiqalekiso nehlazo.


“Ngiyobajezisa bonke abahlala eGibhithe njengoba ngajezisa iJerusalema ngenkemba, ngendlala nangobhubhane.


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakuletha kubo isixuku esiyakumelana nabo, ngibanikele ekusatshisweni nasekuphangweni.


uthi kubo: ‘Zwanini izwi leNkosi uSimakade. Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngokuba wathi ashila kuyo indlu yami engcwele lapho ingcoliswa, nakulo izwe lakwa-Israyeli ngesikhathi lenziwa incithakalo, nakuyo indlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni,


“Ndodana yomuntu, njengoba iThire likhulumile mayelana neJerusalema, lathi: ‘Ashila; liphukile isango lezizwe; seliphendukele kimi; ngiyakuphumelela njengoba lona seliyincithakalo,’


ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka Mina, yebo, Mina ngimelene nawe, ngizokwehlulela wena, izizwe zizibonela ngamehlo azo.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


Uyakuba yinto esabisayo, nesiga, nombhinqo phakathi kwezizwe zonke lapho uSimakade eyokunixoshela khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka