Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 2:10 - IsiZulu 2020

10 Welelani eziqhingini eKhithimi, nibone, thumelani eKhedari, niqonde kahle, nibone ukuthi yake yenzeka yini into enjengalena na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Dlulani eziqhingini zaseKitimi, nibone, nithume eKedari, niqonde kahle, nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba dabulani eziqhingini zaseKitimi, nibone; nithumele eKedari, nilalelisise, nibone ukuthi ikhona yini into enjalo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 2:10
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lawa ngamagama amadodana ka-Ishmayeli ngokwelamana kwawo: izibulo kwakunguNebhayothi, kulandele uKheda, u-Adibhiyeli, uMibhisamu,


“Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ”


Amadodana kaJavani: ngu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi noRodanimi.


UDavide wayesemdala esenelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni, indodana yakhe, ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.


Amadodana kaKhohathi: ngu-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli, bebane.


Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMeshekhi, ngihleli phakathi kwamathende akwaKhedari.


Ngokuba iNkosi ithe kimi: “Ngesikhathi esingangonyaka, ngokubalwa kweminyaka yoqashiweyo, lonke udumo lweKhedari luzophela;


Isiphrofetho ngeThire. Lilani Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba indlu yenu ishatshalalisiwe, nokungena kwayo ivela eKhithimi kwambuliwe.


Wathi: “Awusayukujabula wena ntombi ethelwe ngehlazo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKhithimi, nalapho awuyukukuthola ukuphumula.”


Mayelana neKhedari, nangemibuso yaseHazori, eyayinqotshwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele. Usho kanje uSimakade, uthi: “Khuphukelani eKhedari, nibhubhise abantu basempumalanga.


Wathatha ezinye zezingubo zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezikhangayo, wafebela kuzo, okungakaze kwenzeke futhi okungasoze kwenzeka nanini.


“ ‘Abase-Arabhiya nazo zonke izikhulu zaseKedari babethenga kuwe; babehwebelana nawe ngamawundlu, ngezinqama nangezimbuzi.


Ngemi-okhi yaseBhashani benzile izigwedlo zakho; indawo yakho okuhanjwa kuyo bayenze ngomsayiphuresi ovela eziqhingini eKhithimi, bayihlobisa ngophondo lwendlovu.


“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba inxokozelo yenu inkulu ukwedlula izizwe ezinizungezileyo, anihambi ngokwezimiso zami, anizigcini izehlulelo zami, futhi anenzanga ngokwezehlulelo zezizwe ezinizungezileyo;


Uyakuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, adle eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.


Imikhumbi yaseKhithimi iyakuyisukela, bese idabuka, ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.


Kuyakuvela imikhumbi eKhithimi eyakuhlupha u-Ashuri no-Ebhere, nabo bagcine ngokubhujiswa.”


Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise.


Bonke abakubonayo lokhu bathi: “Lokhu kakukaze kwenzeke futhi akuzange kubonwe kusukela ngosuku abantu bakwa-Israyeli abakhuphuka ngalo eGibhithe kuze kube namhlanje. Zindlani ngakho, nelulekane, nibonisane ukuthi kwenziwenjani.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka