Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 19:3 - IsiZulu 2020

3 Uyakuthi: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela inhlekelele kule ndawo, bonke abayokuzwa ngayo, izindlebe zabo ziyonkeneneza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nani bakhileyo eJerusalema. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo; ozwayo, izindlebe zakhe ziyonkeneneza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 19:3
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yikhona abezizwe bezolesaba igama likaSimakade, namakhosi wonke omhlaba, inkazimulo yakho.


INkosi ingakwesokunene sakho, iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.


Ngakho-ke hlakaniphani nina makhosi; niyaleke nina babusi bomhlaba.


Njalo lapho sedlula siyonibamba. Siyodabula njalo ekuseni, nasemini nasebusuku.” Kuyokwesabeka kakhulu ukuqondwa kombiko.


Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi: “Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi, ngokuba umqhele wenu wodumo ekhanda uwile.”


uthi kuwo: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani nonke baJuda, nezakhamuzi zonke zaseJerusalema eningena ngalawa masango.


“Ngakho-ke yisho manje kubo bonke abakwaJuda nakuzo izakhamuzi zaseJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Bhekani, nginibumbela inhlekelele, ngiceba icebo ngani; phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’ ”


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo, yonke inhlekelele engikhulume ngayo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, bangawalalela amazwi ami.’ ”


Bheka, ngizoqala ukwehlisa inhlekelele phezu komuzi obizwa ngegama lami, pho nina niyakukugwema kanjani ukujeziswa na? Aniyukuyekwa ningajeziswa, ngokuba ngibiza inkemba kubo bonke abakhileyo emhlabeni,’ kusho uSimakade Wamabandla.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngizakuletha kuJuda nakuzo zonke izakhamuzi zaseJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kodwa abalalelanga, ngababiza kepha kabasabelanga.’ ”


ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami, ngokuhamba bayoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani, nokhokho benu.


Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Inhlekelele! Inhlekelele yodwa, iyeza.


Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


USimakade wathi kuSamuweli: “Bheka, ngizokwenza into kwa-Israyeli okuyothi bonke abezwa ngayo, ihlale inkeneza kuzona zombili izindlebe zabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka