Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 18:10 - IsiZulu 2020

10 nokho uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakuyeka ukusenzela okuhle ebengithe ngiyakusenzela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakubuya kukho okuhle ebengisho ukuthi ngiyakusenzela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uma benza okubi emehlweni ami, bengalilaleli izwi lami, ngiyakuzisola ngokuhle ebengithe ngizakuba nomusa ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 18:10
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


“Kepha-ke uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze nazo zonke izinengiso ezenziwa yizikhohlakali, ngabe uyakuphila yini na? Impela zonke izenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo akukho nesisodwa esiyakukhunjulwa, uyakufela eziphambekweni azenzileyo nasezonweni one ngazo.


“Kepha wena ndodana yomuntu, batshele abantu bakini, uthi kubo: ‘Ukulunga kolungileyo akusoze kwamsindisa ngosuku ayokona ngalo, nokona komubi akuyukumkhubekisa ngosuku ayophenduka ngalo ekuphambukeni kwakhe, nolungileyo akayukuphila ngakho ngosuku lokona kwakhe.’


Lapho olungileyo eyeka ukwenza okulungileyo, bese enza okubi, uyakufela kukho.


Uyakwenza kanjalo ngosuku lwesikhombisa enyangeni, ngenxa yanoma ngumuphi umuntu ophambukayo nongenalwazi, nenzele indlu ukubuyisana.


nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade, nalabo abangamfunanga uSimakade, abangabuzanga kuye.


bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,


akukho namunye kubo oyakulibona izwe engafunga kokhokho babo ngalo. Bonke labo abangedelela ehlane abayukulibona.


Njengokwenani lezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingama-40, usuku luyokuba unyaka. Niyakuthwala ububi benu iminyaka engama-40, nize nazi ukuthi kuba njani lapho ngimelana nani.’


USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade,


“Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.


USamuweli akaphindanga wambona uSawule waze wafa. Kepha uSamuweli wamkhalela uSawule; uSimakade wazisola ukuthi wayembekile uSawule waba yinkosi, wabusa u-Israyeli.


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka