Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 15:6 - IsiZulu 2020

6 Wena ungishiyile,” kusho uSimakade, “wabuyela emuva; ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa, ngikhathele ukukuhawukela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wena ungishiyile,” usho uJehova, “wabuyela emuva; ngiselulele isandla sami kuwe, ngakuchitha; sengikhathele ukuhawukela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Nina ningishiyile, usho uJehova, nibuyele emuva; ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikuchithe; Sengikhathele ukuphenduka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 15:6
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela.


Ngakho-ke izwi likaSimakade yileli: isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezo phezu kwesiyalezo, umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, ingcosana lapha, ingcosana laphaya, ukuze bahambe, bawe nyovane, bephuke, bacushwe, babanjwe.


AbaseGibhithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, namahhashi abo ayizilwane, awasiwo umoya. Lapho uSimakade elula isandla sakhe, umsizi uyokhubeka, nosizwayo awe, babhubhe kanyekanye.


Ngiyakubagweba ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.


Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, Mina mthombo wamanzi aphilileyo; bazigubhela imithombokwakhiwa, imithombokwakhiwa evuzayo, engenakuwagcina amanzi.


Akunguwe yini oziholele amanzi ngomsele, ngokushiya uSimakade uNkulunkulu wakho ngesikhathi ekuhola endleleni na?


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.


Izindlu zabo, amasimu abo nomkabo kuyakunikelwa kwabanye kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhile ezweni,” kusho uSimakade.


Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


“Wena-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabancengeli, ungakhuleki ubakhalela, ungabanxuseli kimi ngoba angiyukukulalela.


Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kwengikushoyo, kodwa bahamba ngokobulukhuni benhliziyo yabo embi; bahlubuka, bahlehlela emuva, abaze baqhubekela phambili.


Pho kungani laba bantu baseJerusalema bephendukile, bahlubuka njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, benqaba ukubuya.


Abahlakaniphileyo bayohlazeka, badangale, babhajwe; balilahlile izwi likaSimakade, pho banakuhlakanipha kuni na?


“ ‘ “Uma umphrofethi eyengeka bese ekhuluma izwi, Mina Simakade ngimyengile lowo mphrofethi; ngiyakwelulela isandla sami kuye, ngimelane naye, ngimbhubhise kubantu bami u-Israyeli.


ngalokho-ke ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngimelane nawe, ngikunikele ukuba ube yimpango ezizweni. Ngiyakukususa kubantu, ngikushabalalise emazweni, ngikubhubhise, uyakukwazi ukuthi nginguSimakade.” ’ ”


uthi kuyo, ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngimelene nawe ntaba iSeyiri; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikushaye, ngikwenze ube yincithakalo neze.


Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise.


Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.


Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole esinenkani; pho uSimakade angabelusa kanjani njengewundlu lemvu emadlelweni abanzi na?


“Ngiyakwelula isandla sami ngishaye uJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema. Ngiyakuqeda nya insali kaBhali kule ndawo, negama labaphristi bonkulunkulu nabaphristi babo,


“Kepha benqaba ukulalela, bapikla, bavala izindlebe zabo ukuba bangezwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka