Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 10:5 - IsiZulu 2020

5 Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi, impela uyathwalwa; ngokuba awuzihambeli. Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza, futhi awukwazi ukwenza okuhle.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi; uyathwalwa nokuthwalwa, ngokuba awuhambi. Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi, nokuhle awunakukwenza.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Baqotho njengesundu, kodwa abakhulumi; kumele zithwalwe ngoba azikwazi ukuhamba. Ningabesabi; ngokuba abakwazi ukwenza okubi, akukho kubo ukwenza okuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 10:5
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa. Balibiza igama likaBhali kusukela ekuseni kwaze kwaba semini, bethi: “Bhali, siphendule,” kepha akubanga khona zwi, nophendulayo wayengekho. Bagida ngase-althare ayelakhile.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Amaziya, wathumela kuye umphrofethi, wathi kuye: “Ubafuneleni onkulunkulu babantu abangasindisanga abantu babo esandleni sakho na?”


Kuyothi lapho uMowabi ezibonakalisa, ezikhathaza endaweni ephakemeyo, aye ethempelini lakhe ukuyothandaza, angaphumeleli.


“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


UBheli uyaguqa, uNebho uyakhothama; izithombe zabo ezibaziweyo zingezezilwane nezezinkomo; lezi zinto enizithweleyo zingumthwalo onzima ezilwaneni ezikhatheleyo.


Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba ame lapho, angabe esasuka endaweni yakhe; kodwa uma umuntu ekhala kuye, akayukumphendula, akanakumsindisa osizini lwakhe.


Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo.


Maye kothi okhunini: ‘Vuka!’ athi kulo itshe elithule: ‘Sukuma!’ Kungafundisa yini lokhu na? Bheka, kunanyekwe ngegolide nangesiliva, akukho kuphefumula kukho.


Niyazi ukuthi ngesikhathi nisengabezizwe naniholwa futhi nihuhwa yizithombe eziyizimungulu.


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


Lapho niyokhonza onkulunkulu abayimisebenzi yezandla zabantu, onkulunkulu bemithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangadli nabangahogeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka